Akathukile nakancane oquleke eringini

Linda Ximba

Ezinsukwini ezimbili ezedlule umshayisibhakela uSiyabonga Mpangele uqulekile ngemuva komdlalo obushubile obuse-Ethekwini, KwaZulu-Natal.

Manje usephumile esibhedlela lo mshayisibhakela wakuleli onethalente akazimisele ngokuyeka isibhakela futhi usejahe ukubuyela eringini.

Ngemuva kokuwa kwakhe abaphathi bakhe besaba okubi kakhulu.

“Uze waphaphama ngemuva kwezinsuku ezimbili equlekile,” kusho umqeqeshi uSizwe Mthembu.

Ngesikhathi beyomubheka esibhedlela uMpangele isimo sakhe besingathembisi. Ubengakwazi ukukhuluma futhi odokotela babatshela ukuthi abakwazi ukubona ukuthi ulimele yini ebuchosheni.

Lo mshayisibhakela wakuleli onethalente ubephakathi kokuzilolonga ngaphambi kwempi ebizoba nkulu kunazo zonke empilweni yakhe.

Bekumele abhekane nompetha we-WBF All Africa junior bantamweight uGcina Makhoba, eMgungundlovu ngempelasonto edlule.

Ekhuluma ne-Scrolla.Africa kuleli sonto esekhaya lakhe eMpangeni enyakatho yeKZN uthe ujabule ngokuphuma esibhedlela futhi ujahe ukubuyela ekuzilolongeni.

Uthi kuncane akukhumbulayo ngalo lonke usuku.

“Into yokugcina engiyikhumbulayo ukuthi bengizimisele,” kusho uMpangele.

“Uma sengilulame kahle ngizobuyela eringini.

Abasondelene naye bamluleke ukuthi awuyeke lo mdlalo, kodwa uthi iwona kuphela ongenisa imali. Umalume wakhe ungumqaphi wakhe njengoba eyintandane futhi uma engekho eringini uziphilisa ngemisebenzi yesikhashana.

Indaba yokuquleka kukaMpangele ishayise ngovalo abashayisibhakela. 

Iqembu lesibhakela lisashaqekile namanje ngemuva kokuquleka kukaSimiso Buthelezi eringini ngomzuliswano weshumi empini yesicoco nokwathi ngokuhamba kwesikhathi washonela esibhedlela.

UButhelezi wamiswa unompempe ngesikhathi eshaya emoyeni ngemuva kwemizuzwana equmbe phansi imbangi yakhe. Kuthe ngemuva kwemizuzwana waquleka.

Izihloko zakamuva