Akathi vu uKhoza ngokuxoshwa kwakhe eqenjini

Celani Sikhakhane

Ungena ezintangeni uDkt Makhosi Khoza ngokukhonjwa kwakhe indlela eqenjiini.

Ikomidi le-Action SA lokuqondisa izigwegwe likhiphe isinqumo sokuthi  uKhoza unecala lokudicilela phansi isithunzi seqembu. Ubulungu bakhe bube sebunqanyulwa.

NgoLwesibile uKhoza, owayenguSihlalo we-ActionSA KwaZulu-Natali, utholwe enecala lokwakha itulo lokususa uMnu uHerman Mashaba.

Yize ingaziwa imininingwane ngetulo, ikomidi likhiphe isitatimende esichaza ngomhlangano kaKhoza nomholi weqembu elaxoshwa lamavukelambuso i-ActionSA e-Soweto.

“Ubufakazi obuphambi kwethimba bukhombisa ukuxhumana phakathi kukaKhoza nomholi weqembu elixoshiwe e-Soweto okutholakale phambilini ukuthi benza ngamabomu ukudicilela phansi ubumbano eqenjini,” kusho ikomidi eliholwa iJaji uGill Benson noVytjie Mentor ngokubhalwa kwesitatimende.

NgoMasingana uKhoza waphoqeleka ukuthi ehle esikhundleni sokuba nguSihlalo wesifundazwe ngemuva kokuthi enqabile ukukhokha imali engu-R52 000 owasetshenziswa i-ActionSA ukuthuthukisa umkhankaso wakhe wokuba iMeya kaMasipala weTheku.

Ngaleso sikhathi, uKhoza watshela i-Scrolla.Africa ukuthi kuyacaca ukuthi iqembu belifuna ukumxosha kodwa wathi ngeke ehle ngaphandle kokulwa. Uphinde wathi uma bephumelela namanje ngeke asiyeke isikhundla sakhe emkhandlwini.

Ngemuva kokuthi ikomidi lenze isinqumo, uKhoza utshele i-Scrolla.Africa ngoLwesibili ukuthi ngeke aphawule ngoba iqembu lakhe belingakamniki incwadi.

“Ngike ngathola izingcingo zabezindaba kodwa akukho engikuphawulayo. Ayikho incwadi engisayitholile evela kwikomidi,” kusho lowo owayenguSihlalo.

Nokho, wengeze ngokuthi isitatimende sekomidi simubeka njengomuntu omubi.

UKhoza uke waba kwi-ANC kodwa wayishiya ngonyaka ka-2017 ngemuva kokukhala ngenkohlakalo ebinkulu ngaphansi kobuholi bukaMengameli uJacob Zuma.

NgoZibandlela ngonyaka ka-2017, uKhoza wethula i-African Democratic Congress, kodwa walishiya ngemuva kwezinyanga ezinhlanu.

Wathuthela e-Auta nalapho ashiye khona ngemuva kokusola le nhlangano ngokucwasa ngokwebala emiphakathini yasemalokishini nabantu abamnyama.

Izihloko zakamuva