Akasekwe umqeqeshi weBafana

Menzi Magubane

Mhlawumbe abanye babaqeqeshi be-Premier Soccer League (PSL) abawuqondi umsebenzi kaHugo Broos noma abasihloniphi isikhundla sakhe njengo meluleki weBafana Bafana.

Ukube bayawuqonda bebengeke bayifake ingcindezi kulo mqeqeshi wase-Belgium ukuthi aqoke abadlali abake badlala kwiBafana kodwa abangakaze balethe lutho oluphathekayo eqenjini lesizwe.

Ngesonto eledlule uBroos umemezele iqembu lentsha elizobhekana ne-Guinea e-Belgium ngoLwesihlanu elizophinde lidlale ne-France e-Lille ngoLwesibili.

Obekukhulunywa ngakho kakhulu kube wukuhoxiswa kwabadlali ababili basesiswini be-Mamelodi Sundowns uThemba Zwane no-Andile Jali.

Umsizi kamqeqeshi we-Sundowns uManqoba Mngqithi akazange ayizwe kahle indaba yokuthi uBroos usephinde wabashiya la badlali ababili eqenjini lakhe.

“UZwane ubelokhu edlala kahle, umbuzo uthi kumele enzenjani? mhlawumbe kumele aye eMnyangweni weZasekhaya ayoshintsha iminyaka ngoba iqiniso ukuthi uyinsika eqenjini lethu futhi uyasisiza ngempela. Nami ngiyakholwa ukuthi angakwazi ukusiza iqembu lesizwe,” kusho uMngqithi.

Kwi-Afcon yango-2015 ebise-Equatorial Guinea nase-Gabon, bobabili uZwane (32), noJali (31), badlalela iBafana eyahluleka ngisho ukudlula esigabeni samaqoqo.

Ngo-2019 e-Egypt uZwane wayekhona futhi iBafana yahlulwa kowandulela owamanqamu.

Umqeqeshi we-SuperSport United, uKaitano Tembo, naye utshele uBroos ukuthi uThamsanqa Gabuza usengumgadli ongcono manje kunaseminyakeni emibili edlule. UGabuza (34), ngomunye umdlali owenza kahle eqenjini lakhe kodwa yini entsha angayiletha eqenjini lamanje leBafana?

Ngiyavumelana nalaba baqeqeshi ukuthi abadlali basefomini ephezulu kodwa uBroos walethelwa ukuzoshintsha izinto futhi yilokho akwenzayo.

Ngicabanga ukuthi sekuyisikhathi sokuthi i-PSL ivumele uBroos abe nalowo mhlangano osulindelwe ngabomvu nabo bonke abaqeqeshi abacele ngoMfumfu kodwa i-PSL ayikaphenduli.

UBroos uthathe izintambo kuMolefi Ntseki nyakenye ngoMbasa ngemuva kokuthi iBafana ihluleke ukungena kwi-Afcon e-Cameroon.

I-Safa ithe ifuna ukubukeka kabusha kanye nokuba neqembu lentsha elizohlungela i-Afcon yango-2023 e-Ivory Coast nokuthi i-Fifa World Cup yango-2026  isingathwe i-USA, i-Canada ne-Mexico.

Umthombo wesithombe: @SowetanLIVE

Scrolla World Cup Quiz