Akasekho obelingisa umdlalo wakwi-Netflix

Kamogelo Olaitan

Usedlulile emhlabeni uBusisiwe Lurayi obeneminyaka engu-35 obedlala emdlalweni we-Netflix othi-How to Ruin Christmas. 

Lezi zindaba ziqinisekiswe umndeni wakhe esitatimendeni esithunyelwe i-Eye Media Artists ngoMsombuluko.

Isitatimende sithi uBusisiwe ushonele emzini wakhe ngeSonto kanti imbangela yokushona kwakhe ayaziwa njengoba umndeni usalinde ukuhlolwa kwesidumbu.

“Siphatheka kabi kakhulu ukunazisa ngokudlula emhlabeni kwesithandwa sethu uBusisiwe Lurayi. UBusisiwe udlule emhlabeni isigubhukane kwahlonzwa ukuthi useshonile lapho abehlala khona ngeSonto,” ngokusho kwesitatimende.

“Besicela ngokuzithoba ukuthi nisivumele siwumndeni samukele lezi zindaba ezibuhlungu. Siyabonga ngokuseseka kwenu kuze kube manje.”

UBusisiwe wawina i-Safta kanti futhi waziwe ngendawo ayeyidlala ku-SABC1 sitcom City Ses’la, i-Ses’Top La, i-Sokhulu & Partners kanti muva nje ubekwifilimu yaku-Netflix ethi-How to Ruin Christmas edlala indawo kaTumi.

Izihloko zakamuva