Akasekho emhlabeni umrepha uMalome Vector

Lubhalwe nguRorisang Modiba

Abantu abathathu, okuhlanganisa nomrepha wolimi lwesiSotho, uMalome Vector bashone engozini enyantisayo yemoto ngoLwesithathu ntambama.

UMalome Vector ogama lakhe langempela uBokang Moleli ongusaziwayo emculweni waseNingizimu Afrika.

Inkampani yakhe yakudala, i-Ambitious Entertainment, iveze lezi zindaba ezibuhlungu ngoLwesithathu ebusuku.

“Ilanga laseLesotho selifiphabele. Siyazithoba kakhulu sidlulisa amazwi enduduzo kakhulukazi emndenini nabalandeli ngalesi sikhathi sokulahlekelwa esinzima kangaka,” kusho le nkampani yokuqopha.

Le ngozi iphinde yadlula nempilo yomculi osanda kungena emculweni uLizwe Wokuqala.

UMnyango wezeMpilo eFree State ukuqinisekisile ukuthi amadoda amathathu ashonele endaweni yesigameko ku-N1 eduzane naseKoppies eduze kwaseKroonstad.

Abanye abantu ababili, owesilisa nowesifazane, baphuthunyiswe esibhedlela iBoitumelo Regional Hospital.

Umthombo utshele iNews24 ukuthi uMalome Vector ubesuka eGauteng edlula eFree State elibangise eLesotho ukuyoshutha ividiyo yomculo ngesikhathi kwenzeka ingozi ngemuva kwehora lokuqala emini.

Imibiko iveza ukuthi imoto ishayisane nemoto enkulu.

Kubonakala sengathi bekukhona nabahlanganyeli bomculo kamaskandi uLizwe Wokuqala noPuleng Phoofolo.

Kukhona nemibiko engaqinisekiswanga yokuthi omunye umculi, uNtate Stunna, ubandakanyeke engozini okungenzeka ukuthi ushonile, nakuba singakakhishwa isitatimende esisemthethweni.

Isithombe esingenhla: uMalome Vector.

Umthombo: X

Izihloko zakamuva