Akasekho emhlabeni umngcinimafa we-IFP eKZN

Lubhalwe nguSihle Mavuso

Akasekho emhlabeni uMgcinimafa we-IFP KwaZulu-Natal, uQhina Mkhwanazi kulandela ukubanjwa ukugula isikhathi eside.

UMkhwanazi ushone ngoLwesibili ekuseni ngemuva kokuphuthunyiswa esibhedlela.

Ngaphandle kweqhaza lakhe lokuba nguMgcinimafa we-IFP esifundazweni, lapho esebenze khona noNdunankulu uThami Ntuli, uMkhwanazi ubeyikhansela eliphezulu kuMasipala Inkosi Mtubatuba.

Uphinde waba yilungu elihlonishwayo ebukhosini bakwaMkhwanazi eMtubatuba, enyakatho neKwaZulu-Natal.

Umndeni wakhe uqinisekise lezi zindaba esitatimendeni namuhla ngoLwesibili.

“Kusizwisa ubuhlungu ukunazisa ngokudlula emhlabeni kukababa nomyeni wethu esimthandayo, uMtwana Musawenkosi Qhina Mkhwanazi (MQ), obenguMgcinimafa we-IFP-KZN kanye nekhansela kuMasipala Inkosi uMtubatuba.

“UMkhwanazi wanikela impilo yakhe ekusebenzeleni abantu baKwaZulu-Natal, kanti umlando wakhe uzoqhubeka nokugqugquzela izizukulwane ezizayo. Sicela ukunikwa isikhathi kulokhu esibhekene nakho siphinde siduduze nalabo athinte izimpilo zabo kakhulu,” kusho umndeni.

Esithombeni esingenhla: UQhina Mkhwanazi ubeyikhansela kumasipala wendawo iNkosi eMtubatuba.

Umthombo: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva