Akasekho emhlabeni umdlali webhola lombhoxo uLusanda Dumke (28)

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

ULusanda Dumke udlale ama-Test angu-33 eNingizimu Afrika, waba ngukaputeni weqembu lesizwe kathathu wanqoba izicoco ezintathu nama-Bulls Daisies.

UDumke wawina imoto ngo-2022 kodwa wasebenzisa imali engu-R265,000 ukusiza ukuthenga umuzi eMdantsane.

Ubulawe isifo somdlavuza wesisu uLusanda Dumke ongomunye wabadlali bebhola lombhoxo abahlonishwayo eNingizimu Afrika.

Udlule emhlabeni ezintatha zangoLwesibili esibhedlela i-Life St Dominic’s e-East London. Ubeneminyaka engu-28.

Lowo owayengukapteni weBorder Ladies kanye ne-Springbok Women blindside flanker udlale okokuqala ngo-2018 bebhekene ne-Wales.

Udlale ama-Test angu-33 eNingizimu Afrika futhi waba ukaputeni weqembu lesizwe amahlandla amathathu. Umdlalo wakhe wokugcina wayebhekene ne-Italy eKapa ekuqaleni konyaka.

UDumke ushaye ama-try angu-10. Uphinde wadlalela iqembu leSpringbok Women’s Sevens futhi ubeyingxenye yeqembu kwiNdebe Yomhlaba Yabesifazane ngo-2022 e-New Zealand.

Ngo-2022, wawina i-SA Rugby’s Women’s Player of the Year.

Uphinde waqokwa njengomdlali ovelele e-Eastern Cape Sports Star of the Year wahlomula neVW Polo Vivo.

Kodwa abaningi bashaqekile ngesikhathi bethola ukuthi uhlala emjondolo yaseMasibambane, eMdantsane. Wasebenzisa imali engu-R265,000 yomklomelo ukusiza ukuthenga umuzi.

Yayishoda ngo-R200,000. Kube sekuthi iPhini lemeya uPrincess Faku, uMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu esifundazweni kanye nomsizi wezemidlalo uSiviwe Mpengesi baqongelela imali esele. Bamthengela umuzi eMdantsane NU7.

UFaku uthe: “Asikwazanga ukusonga izandla ngesikhathi omunye wezihlabani zezemidlalo eswele kakhulu.

UDumke ube ngukaputeni wama-Bulls Daisies ngo-2023. Iqembu lanqoba izicoco ezintathu zilandelana zeWomen’s Premier Division. Udlale imidlalo engu-31 kumaDaisies.

Ukugula kwakhe kwamphoqa ukuthi aphume ngoNcwaba. Uphuthelwe yiNdebe Yomhlaba Yebhola Lombhoxo Yabesifazane ngo-2025 e-United Kingdom, lapho iNingizimu Afrika yafinyelela khona kuma-quarterfinal.

Umengameli we-SA Rugby uMark Alexander uthe uDumke uzokhunjulwa njengomuntu obebesibindi, ekhombisa ubuholi obuqinile kanye nokuzithoba.

Osesithombeni esingenhla: ULusanda Dumke odlalela Abesifazane bamaBhokobhoko.

Umthombo wesithombe: I-SA Rugby

Izihloko zakamuva