Akasekho emhlabeni umdlali we-Liverpool uDiogo Jota

Lubhalwe nguRazeen Gutta

UDiogo Jota nomfowabo bashone ngesikhathi isondo lemoto yabo liqhuma eduze kwase-Zamora e-Spain, okwenza imoto yashayisa.

Abalandeli be-Liverpool babuthane ngaphandle kwe-Anfield nezimbali nezikhafu njengoba bebezohlonipha isihlabane sase-Portugal esingasekho.

Isihlabani se-Liverpool uDiogo Jota ushone engozini yemoto e-Spain ubeneminyaka engu-28.

Ingozi yenzeke eduze kwedolobha i-Zamora futhi idalwe ukuqhuma kwesondo, ngokusho kwamaphoyisa. Umfowabo, u-Andre Silva, naye ushonile.

UJota ubesanda kushada futhi ushiya umkakhe nezingane ezintathu ezincane.

Abalandeli be-Liverpool babeke izimbali, izikhafu namahembe ngaphandle kwe-Anfield. Umhlaba webhola usabele ngokushaqeka ngalezi zindaba.

Owayengumphathi we-Liverpool uJürgen Klopp, osayine uJota esuka ku-Wolverhampton Wanderers ngo-2020, uthe uphatheke kabi.

“Lesi yisikhathi lapho ngizabalaza khona. Kumele kube nenhloso enkulu, kodwa angiyiboni,” kubhala uKlopp ku-Instagram.

“UDiogo ubengeyena nje umdlali omangalisayo, kodwa futhi umngane omkhulu, umyeni nobaba onothando futhi onakekelayo. Sizonikhumbula kakhulu. Yonke imithandazo yami, imicabango namandla ikuRute, izingane, umndeni, abangani kanye nawo wonke umuntu obathandayo!”

I-Liverpool Football Club ikuqinisekisile ukushona kukaJota esitatimendeni.

Ikilabhu yazisiwe ukuthi lo mdlali oneminyaka engu-28 ubudala ushonile kulandela ingozi eyenzeka e-Spain kanye nomfowabo u-Andre,” basho.

“Iqembu angeke lisho lutho ngalesi sikhathi futhi licela ukuthi kuhlonishwe umndeni kaDiogo nomndeni ka-Andre, abangani, ozakwabo kanye nabasebenzi njengoba bezama ukubhekana nokulahlekelwa ngendlela engacabangeki.”

UJota ubambe iqhaza elikhulu kwisizini yokuwina isicoco se-Liverpool futhi wasiza i-Portugal ukuthi iphakamise indebe ye-UEFA Nations League ekuqaleni kwalo nyaka.

Esithombeni esingenhla: UDiogo Jota.

Umthombo wesithombe: @liverpoolfc

Izihloko zakamuva