Akasakwazi ukuhamba uPromise owalinyazwa uFreddy

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

UPromise Banda oneminyaka eyisithupha ubudala waphuka imilenze ngesikhathi kunesiphepho, kodwa ubengakakulungeli ukufa.

Ngesikhathi kunesiphepho (Cyclone Freddy) esifundeni esiseningizimu ye-Malawi ngoNdasa, kushone abantu abangaphezu kuka-600 futhi sashiya abantu abalimele abangaphezu kuka-60,000.

Isiphepho savalela uPromise ngaphansi kwefriji e-Blantyre izinsuku ezintathu.

UJack McBrams, okhulumela umndeni uthe uPromise ubevaleleke ngaphansi kwefriji elisegumbini lokugcina endlini ebiwohloke kakhulu.

“Ngesikhathi bemthola uPromise ubengasakwazi nokukhuluma. Ubegcwele udaka futhi sekuphele izinsuku ezintathu engadli,” kusho uMcBrams.

UPromise uphuthunyiswe esibhedlela iQueen Elizabeth edolobheni elikhulu lase-Malawi wabe esedluliselwaesibhedlela iMercy James Center Hospital, kodwa ngaphezu kwemizamo emihle yodokotela abakwazanga ukusindisa imilenze yakhe.

“Njengabanye abantu abaningi, umndeni wakwaBanda ulahlekelwe yikho konke ngenxa yodaka,” kusho uMcBrams.

“Okwamanje uPromise usebenzisa isihlalo esinamasondo ukuhamba, kodwa udinga imilenze yokufakelwa ukuze kube lula ukuthi akwazi ukuhambahamba uma kuqala ikota yesikole elandelayo.”

Uthe ingane iphume esibhedlela ngesonto eledlule kanti umndeni usuthole indawo yokukhosela yesikhashana kwaNtonda, ngaphandle kwase-Blantyre.

Izihloko zakamuva