Sizwe Sibiya
Umculi oshisa izikhotha emculweni futhi onekhono lokudansa uMakhadzi, usekhiphele abalandeli bakhe umculo omnandi nowanele kangangokuthi abasakwazi ukwamukela omunye umculo okwamanje.
Umdidiyeli wengoma ethi “Ghanama” ungene kwi-Facebook Live kuleli sonto ukuze abelane ngomculo omusha nabalandeli bakhe.
Kodwa ngesikhathi uMakhadzi edlalela abalandeli bakhe ingoma yakhe entsha, uthole impendulo abengayilindele.
Yize abanye abalandeli bewuthanda umculo wakhe, uhlangabezane nembibizane ngesikhathi abanye abalandeli bephakamisa ukuthi okungenani akahlanganise i-albhamu azoyikhipha ngoNtulikazi kulonyaka.
“Ngicela uphumule ndlovukazi, sifuna i-albhamu ngoNtulikazi hhayi manje,” kubhala umlandeli omkhulu uKels Dioka engxenyeni yokuphawula kwividiyo ebukhoma.
UMakhadzi ungomunye wabaculi abaqashwe kakhulu ngoZibandlela odlule, ngokusho kwe-Ubetoo News ekuqaleni kwaleli sonto.
NgoMandulo odlule, uMakhadzi wakhipha i-albhamu yakhe yokugcina ethi African Queen, okuyilapho abalandeli bakhe abadumelwa khona amakhanda, ngoba babesancoma iphrojekthi yakhe yangonyaka ka-2020 ethi-Kokovha.
Lesi sihlabani esingusaziwayo besisanda kukhipha ividiyo yomculo wengoma yaso ethi “Ma Yellowbone” ngoZibandlela.
Le ngoma eshisa izikhotha uyicula noPrince Benza, odlale indima enkulu engomeni ethi “Ghanama”. Ividiyo ya-“Ma Yellowbone” njengamanje ihlezi endaweni yesithupha eshadini lomculo ohamba phambili ku-YouTube. Kanti isibukwe abantu abangaphezu kwesigidi emasontweni amathathu ikhishiwe.
Umthombo wevidiyo : YouTube