Akakholwa ukuthi uyaphila owaphoqwa ukuba aziphonse kwibhuloho

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

UThabo Mlungu oneminyaka engu-19 ubudala waseKapa waphoqeleka ukuba agxume ebhulohweni yizigebengu ngesikhathi esendleleni eya ezitolo.

Ividiyo ikhombisa uThabo ephezu kwebhuloho elingenhla kwamahhivisi omnyango wezokuthutha eGreen Point, futhi esabela impilo yakhe. 

Uthe: “Ngesikhathi la madoda amabili eza kimi angizange ngicabange ukuthi ngizobanjwa inkunzi noma ngiphoqwe ukuba ngigxume.

Enye yala madoda yakhipha isikhali, abantu ngezansi kwebhuloho bamemeza bathi uThabo akaphonse izimpahla  kubo ngaphansi kwebhuloho. Wakwenza lokho kodwa kwacasuka izigebengu ezathi akagxume. 

“Bengizitshela ukuthi bayadlala baze bangiphusha, ngamangala ukuthi ngikwazile ukubambelela,” kusho uThabo.

Ube namaphupho amabi kusukela kwenzeke lesi sigameko. 

“Ngesikhathi ngisebhulohweni, ngacabanga ukuthi ngizofa. Ngemva kokugxuma angikwazanga ukukhuphuka ngoba izigebengu zazisekhona,” usho kanje.

“Ngibonga labo abangisizile. Ngaphandle kwabo ngabe ngifile.”

Uthe ngesikhathi bemehlisela omatilasi, ubenovalo lokuthi ngeke afike ngokuphepha.

“Ngalinda isikhathi eside, ngithandazela ukuthi ngingaweli eduze komatilasi ngilimale noma ngife,” usho kanje.

Umalumekazi wakhe wayibuka le video ngemva kwezinsuku. 

“Ngangesaba ukuyibuka. Umndeni wethu uhlale ubonga labo abamsiza. Bekungaphela kabi.”

Isithombe esingenhla: Isithombe esikwividiyo. 

Umthombo: Ifayela

Izihloko zakamuva