Akakholwa owakuleli obizwe kuma-Grammy awards

Linda Ximba

UPhila Dlozi uthi uhlala azincinze kancane ukuze azikhumbuze ukuthi iphupho lakhe lifezekile ngempela.

“Angikaze ngicabange ukuthi ngingathola ukudlala emcimbini omkhulu njengama-Grammy awards. Ukusebenza ngokuzikhandla kwami akukabonakali,’ kusho lo wesilisa oneminyaka engu-22 odabuka e-Richards Bay, KwaZulu-Natali.

UPhila, ogama lakhe langempela nguPhiladlozi Mfekayi, waqala umsebenzi wakhe womculo ecela imali emigwaqeni yaseThekwini naseGoli. Ngenyanga ezayo, uzomangaza izethameli kuma-64 Grammy Awards e-Las Vegas.

Izinto azilunganga ngemuva kokuthuthela eThekwini ngonyaka ka-2018 ngakho wakhetha ukubhekisa amabombo eGoli.

“Ngaqhubeka nokuphithizela kwami, ngishaya izigubhu zami ngicula nezingoma zomdabu emigwaqeni. Ngifake ubuciko bami ezinkundleni zokuxhumana,” etshela i-Scrolla.Africa.

UPhila ubekhona ecwecweni lakamuva likaMzilikazi Wa Afrika elithi, Rise, wanikela ngephimbo lakhe futhi ebonisa ikhono lakhe lokushaya izigubhu.

Lokhu kumsize ukuheha nokunakwa emazweni futhi kwamenza wathola isimemo sokuba ingxenye yomcimbi wama-Grammy awards emenywa umculi ongumbhali wezingoma waseMelika nomdidiyeli werekhodi uJason Evigan, osebenze noMadonna, uJustin Bieber kanye noDavid Guetta.

UPhila uthe leli thuba lizomveza kakhulu futhi lizophakamisa igama lakhe.

“Ngiyethemba ukuthi lokhu kuzogqugquzela nezinye izingane ezimnyama zasemakhaya ukuthi uNkulunkulu uyayiphendula imithandazo yethu uma sisebenza kanzima,” kusho uPhila.

“Ngiyethemba ukuthi abantu bazoyithokozela i-albhamu yami yokuqala engizoyikhipha phakathi nonyaka. Kube intokozo ukusebenza noBra Mzee kanye noDJ Maphorisa.”

Kodwa okujabulise uPhila ngaphezu kwakho konke ukumenywa kuma-Grammys nokumenywa yinkampani yokuqopha ka-Evigan. Lapho, uzobamba iqhaza ekuqopheni ingoma izinsuku ezimbili ukuze benze ingoma ehlanganisa i-Hollywood nabanye abaculi.

UDJ Black Coffee nomqambi wezingoma uWouter Kellerman ibona kuphela abaculi baseNingizimu Afrika abaqokwe kuma-Grammys. Umethuli womcimbi kuama-awards  kuzoba nguTrevor Noah.

Izihloko zakamuva