Akakholwa oqokwe njengompheki eNdebeni yoMhlaba

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

UChuma Cetywayo wase-Lusikisiki e-Eastern Cape akakakholwa namanje ukuthi ukwiNdebe yoMhlaba njengompheki weNkosi yase-Qatar nabalandeli emhlabeni wonke.

Lo wesifazane oneminyaka engu-23 ubudala owazalelwa esigodini sase-Ngobozane akagcinanga ngokumeka alakuleli kuphela uphinde wamela idolobha lakubo ebelisematheni ngenxa yazo zonke izizathu ezingalungile njengoba i-Lusikisiki yaqokwa njengedolobha elihamba phambili ngamacala okudlwengula ngo-2020/2021.

Lo mfundi owenza unyaka wesithathu emkhakheni we-Hospitality and professional cookery eNyuvesi yobuchwepheshe i-Cape Peninsula uqokwe njengomunye wabapheki beNdebe Yomhlaba ye-Fifa kulo nyaka.

Inhlangano ebifisa ukuqoka abapheki abasebancane iqale yathintana ne-SA Chefs Association yabe isithumela amafomu ezicelo ezikhungweni zemfundo ephakeme ezahlukene kanye nasezikoleni zamahhotela.

UCetywayo wathola ifomu lesicelo kumeluleki wakhe.

“Angikholwa namanje ukuthi ngingomunye wabapheki abaqokwe ukumela izwe lami esigabeni esiphezulu. Iqembu lethu lesizwe kungenzeka ukuthi angeke libambe iqhaza eNdebeni yoMhlaba, kodwa ngimele wonke umuntu ekhaya.”

Ufike e-Qatar mhla zintathu kuLwezi futhi uzohlala khona kuze kuphele iNdebe yoMhlaba.

“Kufana nephupho konke lokhu futhi ukuba lapha kwami kunikeza intombazanyana yasemakhaya ithemba lokuthi indawo ozalelwe kuyo angeke ikuvimbele ekufezeni amaphupho akho.”

Kusukela ngosuku athola ngalo ucingo ubengakholwa kwaze kwaba uyafika e-Qatar waya koqeqeshelwa umsebenzi waqala nokuhambela izinkundla.

“Angikaze ngicabange ukuthi ngingafika lana. Yonke lento isafana nephupho kimi.”

Lo muzwa ubungeke uqhathaniswe nalutho njengoba bekungokokuqala endiza ngaphandle kwezwe futhi ubejabule kakhulu kanti usezakhele nabangani abasha okwenza uhambo lwaba mnandi.

“Amazwe amaningi enza ukudla kwase-France futhi bekungekho kusha lokho kumina. Bengazi konke njengoba ngangifundiswa nokupheka ukudla kwase-France ekhaya, ngakho-ke sipheke ukudla kwase-France nokwase-Arab ebengiqala ukukwenza, kodwa akuzange kungihlule.”

Akukaze kwalula kuCetywayo njengoba wake wafeyila ibanga lesishiyagalolunye waphinde wafeyila unyaka wesibili eNyuvesi. 

“Konke bekuyisibusiso kimina ngoba bekumele ngisebenze ngokuzikhandla ngokuphindwe kabili, ngingafani nezinye izingane ngakho-ke akukaze kube lula.”

Ukupheka ezinkundleni zemidlalo kumnike ukuzethemba nenkolelo yokuthi ngelinye ilanga uzovula eyakhe indawo yokudlela adale namathuba omsebenzi.

E-Qatar usefunde ukwazisa izithako ngoba kuleli lizwe ukuphepha kokudla kuyinto ebaluleke kakhulu nekhishi ngalinye linomhloli wokudla oqinile futhi ohamba umthetho.

Isithombe esingenhla ngesikaChuma Cetywayo ose-Qatar

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva