Akakhali uHunt ngokudlala kwezakhe kulesizini

Lubhalwe nguMichael Madyira

Umqeqeshi we-SuperSport United, uGavin Hunt usaqhuba kahle kwisizini yakhe yokuqala ebuyile kuleli qembu lase-Tshwane.

Kumasizini amabili nje edlule, lo mqeqeshi oneminyaka engu-58 ubudala uxoshwe iKaizer Chiefs nakuba eyifake kowandulela owamanqamu e-CAF Champions League okokuqala ngqa.

Lokho kulandelwe ukuhlala kancane kwiChippa United okungaphumelelanga.

UHunt ube esebuyela kuSuperSport, iqembu alisize lakwazi ukunqoba izicoco ezintathu ze-Premier Soccer League phakathi kuka-2008 no-2010.

Njengoba ebuyile kwiSuperSport, ubonakala ezimisele futhi esebavale umlomo abamgxekayo abebecabanga ukuthi usewile.

Lo mqeqeshi onamava uhole iSuperSport yabuyela ku-CAF Confederation Cup okokuqala kusukela ngesizini ka-2016/17 ngemuva kokuhlala endaweni yesithathu ku-PSL.

“ Ngiyaziqhenya ngabafana beSuperSport nendlela abazimisele ngayo kulesizini,” kusho uHunt ecabanga ngesizini.

“Ngesizini yokuqala ngibuyile neSuperSport angikwazi ukungajabuli.”

Ukuqeda endaweni yesithathu kweqembu lase-Tshwane ku-PSL kwagcinwa ngo-2011/12.

Ukwenza isizini kaHunt ibemnandi kakhulu, uziphindiselele kuChiefs iqembu elamlaxaza lamushiya nenxeba elibi.

Ushaye iKaizer kowamanqamu weligi wesizini waphawula wathi, “Akukaze kungijabulise kanje ukuthola amaphuzu amathathu.”

Lo mphumela ube nomthelela ekutheni i-Chiefs ihlale endaweni yesihlanu.

Ngemuva kokuhlulwa kweKaizer kungenzeka ukuthi kushiye ukungabaza kwamakhono kaHunt, osezivezenjengofanelekile ukuba ngomqeqeshi ovelele wesizini ka-2022/23. 

Abadlali abathathu beSuperSport, uRicardo Goss, uThepelo Maseki noShandre Campbell baphinde behlabane ngezindondo ze-PSL emikhakheni eyahlukene.

Kule sizini uHunt uyakhe kabusha iSuperSport ngaphandle kokukhipha ngisho isenti emakethe yokudayiselana ngabadlali ngemuva kokuqoka ama-agent amahhala, akazange abolekise futhi akazange akhuphule abadlali be-academy eqenjini lokuqala.

Isithombe esingenhla: Umqeqeshi weSuperSport United, uGavin Hunt ebungaza

Izihloko zakamuva