Akakazimiseli ngokuwabeka emgibeni oweBanyana

Lubhalwe nguMichael Madyira

Umdlali wasemuva weBanyana Banyana uJanine van Wyk usechazile ukuthi kungani engakakulungeli ukuyeka umsebenzi wakhe wamazwe ngamazwe.

Ngemuva kokuthi lo mdlali (36) ephuthelwe ukuqokwa esikwatini seNdebe yoMhlaba ye-Fifa yaBesifazane yakulo nyaka ngenxa yokulimala, bekulindelwe ukuthi asule eqenjini lesizwe.

Kodwa lo mdlali udalule ukuthi kungani engazimisele ngokuyeka ibhola lamazwe ngamazwe.

Njengoba esedlale emidlalweni engu-183 neBanyana uVan Wyk usesele ngomdlalo owodwa kuphela ukuthi afinyelele kwirekhodi eliphethwe umdlali wase-Egypt uAhmed Hassan ongumdlali webhola ohamba phambili kunabo bonke e-Afrika.

Ugqozi lwakhe lokuqhubeka nokudlala nelakuleli liqhamuka ephushweni lakhe lokwedlula owayengukaputeni we-Pharaohs uHassan.

“Yebo, ngiyazibona ngidlalela iBanyana esikhathini esizayo,” kusho uVan Wyk etshela i-Scrolla.Africa.

“Ngikholelwa ekutheni ngisenawo amandla. Ngiyethemba ukuthi ngzokwephula irekhodi lokuba umdlali webhola ohamba phambili e-Afrika.

“Ngiyethemba ukuthi ngemuva kokwephula lelo rekhodi ngizobe sengibona ukuthi ikusasa lingiphatheleni eqenjini lesizwe.”

Njengoba adlala okokuqala kuBanyana ngo-2005 mhlawumbe ngabe uVan Wyk usewafinyelela ezingeni likaHassan kodwa walahlekelwa isikhundla sakhe njengomdlali ojwayelekile eqenjini lesizwe eminyakeni edlule.

Wadlala emdlalweni owodwa kuphela ngesikhathi elakuleli liwina i-Africa Women’s Cup of Nations nyakenye.

Manje umqeqeshi uDesiree Ellis uncamela ukufaka umakadebebona uNoku Matlou noBambanani Mbane emuva.

Ukuqagela kokuthi uVan Wyk usezothatha umhlalaphansi kwaqala ukwanda ngesikhathi eqeda ilayisensi yakhe yokuqeqesha ye-Uefa B nyakenye.

Kubukeka sengathi isikhathi sidliwe yinja kuVan Wyk njengoba eseke wafinyelela kweyamanqamu eyisishiyagalombili ye-Wafcon, kwi-African champion, kwiNdebe yoMhlaba waphinde wadlala kuma-Olympics amabili.

Kodwa ukujaha irekhodi likaHassan kumgcine eqenjini lesizwe.

Esithombeni esingenhla: Umdlali wasemuva weBanyana Banyana uJanine van Wyk

Umthombo wesithombe: CAF

Izihloko zakamuva