Akakatholakali owesifazane othunjiwe

Kamogelo Olaitan

Amaphoyisa ase-Limpopo aphume umkhankaso wokuthungatha abasolwa ababonakale befaka owesifazane emotweni yabo ngenkani base behamba naye.

Omakhelwane bakaRefiloe Malope bathi bezwe ukukhala kwakhe ngesikhathi ethunjwa ngoMsombuluko ngesonto eledlule esigodini sase-Kgaphamadi ngaphandle kwase-Groblersdal.

UMalope (31), kusolakala ukuthi uphoqeleke ukuthi angene ebhuthini yemoto yohlobo lwe-Toyota sedan emhlophe ngamadoda amabili asuke ngesivinini ebheke e-Motsephiri ngabo-10:00.

Ngokusho kwamaphoyisa kuthiwa isisulu sike sahlangana nomunye wabasolwa omtshele ukuthi udinga usizo ngemoto yakhe ebinenkinga.

Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Motlafela Mojapelo uthe ngesikhathi laba ababili befika emotweni, kuqhamuke umsolwa wesibili kungazelele base befaka uMalope ebhuthini ngenkani.

“Omakhelwane balunywe indlebe ukukhala kwesisulu. Kubizwe amaphoyisa kwabe sekuqala umkhankaso wokuthungatha isisulu kanye nabasolwa,” kusho uMojapelo.

Imbangela yalesi sigameko ayaziwa.

Amaphoyisa acela noma ngabe ngubani ongaba nolwazi ukuthi athinte uDetective Sergeant Amos Thekupi ku-082 775 5462 noma inombolo yamahhala ethi-08600 10111 noma asebenzise i-MySAPSApp.