Ahoxisiwe amacala abasolwa ngelokubulala abantu kweyokucima ukoma 

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Ahoxisiwe amacala okubulala nokuzama ukubulala abekwe abesilisa abayisithupha abasolwa ngokubulala abantu abangu-16 endaweni yokucima ukoma iNomzamo e-Orlando, e-Soweto.

I-National Prosecuting Authority (NPA) iphethe ngokuthi awekho amathuba okuthi bashushiswe ngempumelelo njengoba izicelo zokuthi kuqhutshekwe nophenyo zingalandelwanga ngenxa yofakazi abasabela izimpilo zabo noma abagcine belahlekelwe izimpilo zabo, ngokusho kukaPhindi Mjonondwane okhulumela i-NPA esifundeni saseGoli.

UMjonondwane uthe i-NPA inqume ukuhoxisa amacala obugebengu abhekene nabo bonke abasolwa esigamekweni sokudubula abantu kweyokucima ukoma ngemuva kokucubungula kahle okuqukethwe emadokodweni ahlobene nezigameko zokudubula e-Kliptown nase-Orlando.

I-NPA izoqhubeka namanye amacala amabili angahlobene nokudutshulwa kwabantu kweyokucima ukoma.

“Umbuso uzoqhubeka nokushushisa uLepolesa Moshoeshoe ngecala lokuzama ukubulala elabhaliswa e-DoornkopngoMandulo ngo-2021 kanye noThembinkosi Kiviet ngecala lokubulala elabhaliswa esiteshini samaphoyisa sase-Orlando ngoMbasa nyakenye.”

Kwashona abantu abangu-16 endaweni yokucima ukoma iNomzamo ngomhlaka-14 kuNtulikazi nyakenye ngesikhathi izinkabi ezingaziwa zivulela ngenhlamvu zibhekise kubathengi.

Ezinsukwini ezintathu kwenzeke lesi sigameko uNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele wavakashela imindeni yabashonile. UNgqongqoshe wabe esetshela abezindaba kanye nezakhamizi ukuthi abaphenyi bathole amagobolondo angu-137 ezibhamu zohlobo oluphezulu okubalwa nama-AK-47 endaweni yesigameko.

NgoMandulo nyakenye amaphoyisa adalula abasolwa abahlanu. Umsolwa wesithupha waboshwa kamuva. Bonke abasolwa abayisithupha bavela eNkantolo yeMantshi yase-Orlando ngamacala okubulala nelokuzama ukubulala – kodwa asehoxisiwe.

Lesi akusona isigameko sokuqala lapho amaphoyisa azinikela khona kulokho okubonakala njengengcindezi yomphakathi yokuthi izakhamizi zilindele ukuthi amaphoyisa azisukumele ngokushesha izenzo zobugebengu ngokubopha abenzi bobubi.

Ngendlela efanayo abasolwa abangu-14 ababoshwa mayelana necala lokudlwengula abesifazane abayisishiyagalombili e-Krugersdorp ngoNtulikazi nyakenye baye badedelwa ngemuva kokuhoxiswa kwamacala abo.

Icala elaba sematheni emhlabeni wonke libone kuboshwa inqwaba yabantu.

Abasolwa abangu-14 bahlonzwa ngomazisi kodwa imiphumela yolibofuzo ayizange ihambisane noma imataniswe nabasolwa nobugebengu.

Esithombeni esingenhla: Amaphoyisa avuka umbhejazane ngesikhathi kwenzeka isigameko sokudutshulwa kwabantu kweyokucima ukoma iNomzamo e-Orlando, e-Soweto 

Umthombo wesithombe: eNCA

Izihloko zakamuva