Ahoxisiwe abebekwe owekhilikithi

Razeen Gutta

Kungakapheli nesonto ngaphambi kokuthi umqeqeshi uMark Boucher evele phambi kwekomidi  lokuqondiswa kwezigwegwe ngokungaziphathi kahle, ibhodi le-Cricket SA (CSA) seliwahoxisile  wonke amacala abethweswe wona.

“Besingekho isisekelo esiqinile sokusekela noma imaphi amacala okuqondiswa kwezigwegwe okuhlanganisa namacala okucwasa abekwe uMark Boucher omgumqeqeshi weqembu lekhilikithi labesilisa ama-Proteas,” kusho i-CSA esitatimendeni esikhishwe ngoLwesibili ekuseni.

“Ngakho-ke ibhodi le-CSA liwahoxisile ngokusemthethweni wonke amacala abebekwe wona.”

Isinqumo sokuhoxiswa kwawo wonke amacala sisho ukuthi ibhodi alisafuni kuxoshwe uBoucher esikhundleni sakhe njengoba lenza ekuqaleni ngemuva kwemiphumela ebingakaveli embikweni we-Social Justice and Nation-Building (SJN).

Esitatimendeni se-CSA  siqhubeke ngokuthi isinqumo sokuhoxiswa kwamacala sithathwe ngoba kucatshangelwa izinqumo zikaPaul Adams no-Enoch Nkwe zokuthi ngeke bafakaze phambi kwebhodi kanjalo nemiphumela yamacala  kaGraeme Smith iveze ukuthi asuliwe njengoba ubesolwa ngezinsolo zokucwasa ngokwebala.

Inkontileka kaBoucher izophela  ngemuva kwe-ICC Cricket World Cup ezoba se-India ngonyaka ozayo.

I-CSA ithe iyazi ukuthi kube nzima kakhulu kuBoucher ukubhekana nala macala alenga ekhanda lakhe kulezi zinyanga ezimbalwa ezedlule.

“I-CSA iyazisola ngalokhu.”

Isikhulu esiphezulu se-CSA uPholetsi Moseki uthe bayakubonga ukuthi uBoucher uziphathe ngendlela efanele  ngaso sonke isikhathi.

“Unqabile ukungena ezingxoxweni  mayelana namacala futhi wenza umsebenzi wakhe ngokuzinikela nangokuzimisela,” kusho uMoseki.

Uthe ukwenza kahle kweqembu labesilisa lama-Proteas kulesi sikhathi kube kuhle ikakhulukazi kwi-test arena. 

“Lokhu ukukhuluma kukaMark, abasebenzi bakhe abamesekayo kanye nabadlali beqembu lekhilikithi.”

“Siyakugcizelela ukuthi uMark Boucher, uPaul Adams kanye no-Enoch Nkwe bonke basengamalungu abalulekile eqembu labaqeqeshi be-CSA.”

Izihloko zakamuva