Ahoxisiwe abebekwe owayengukaputeni wama-Proteas

Dylan Bettencourt

Owayengukaputeni wama-Proteas uGraeme Smith useyindoda ekhululekile ngemuva kokuhoxiswa kwamacala okucwasa abebekwe wona yiCricket  SA (CSA) ne-Social Justice and Nation-Building (i-SJN).

Ngemuva kwezinyanga zobufakazi kanye nezinsolo ngokungaziphathi kahle.

IJaji uDumisa Ntsebeza uhlanganise umbiko oveza ukuthi umqeqeshi wama-Proteas wakhombisa ukucwasa uThami Tsolekile.

Umbiko uphinde waveza ukuthi uSmith waphikisana nobuholi bomuntu omnyama eqenjini lekhilikithi laseNingizimu Afrika ngaphambi kokwamukela indima yakhe njengoMqondisi wekhilikithi. 

Ukulalelwa kwecala kuphinde kwaveza ukuthi ukuqokwa kukaMark Boucher njengomqeqeshi ophezulu wama-Proteas kunezinye izici zokuchema okukhona njengoba abaningi babebona sengathi u-Enoch Nkwe nguyena obekufanele abambe iqhaza.

Abaphethe ikhilikithi eNingizimu Afrika bayisa umbiko eNkantolo yamacala kanti ngeSonto yaqinisekisa ukuthi abammeli ababili abazimele uNgwako Maenetje noMichael Bishop bahoxise zonke izinsolo ebebezibeke uSmith.

Inkantolo ibe isiyalela isigungu esilawula ikhilikithi ukuthi sikhokhele uSmith izindleko zomthetho.

Yize ehoxisiwe amacala abebekwe wona uSmith kunoma ikuphi ukwenza okubi enhlanganweni, kodwa useyishiyile indima yakhe eqenjini lekhilikithi laseNingizimu Afrika njengoba inkontileka yakhe iphele ngoNdasa. 

USmith unconywe ngomsebenzi awenzile njengoMqondisi wekhilikithi esiza ukubuyisela nokuzigqaja eqenjini lekhilikithi laseNingizimu Afrika kulandela izinkinga eziningi zezimali. USmith nokho wakhetha ukungasifaki isicelo kabusha.

“I-CSA iyazi ukuthi kube nzima kuMnu uSmith ukuthi abekezelele ukudicilelwa kwesithunzi sakhe obekungadingekile emphakathini okuhlanganisa nomholo wakhe ngesikhathi senqubo ye-SJN.

“I-CSA iyazisola ngokuthi lokhu kwenzekile futhi ifisela uMnu uSmith konke okuhle ngokuqhubekayo empilweni yakhe,” ngokubhalwa kwesitatimende se-CSA.

Khonamanjalo umqeqeshi uBoucher ubhekene nengwadla yokugcina emsebenzini wakhe ngenxa yombiko omenze wabekwa icala lokungaziphathi kahle.

Imibiko iveza ukuthi ikhilikithi yaseNingizimu Afrika izokhipha uBoucher esikhundleni sakhe bese iqoka uNkwe njengomqeqeshi omusha waleli qembu.

Ama-Proteas azobhekana nohambo oluya e-India ngoNhlangulana ukuyodlala ama-One Day International amahlanu (i-ODIs). Uchungechunge lwemidlalo lizoqala mhla ziyiyishiyagalolunye kuNhlangulana futhi liqhubeke kuze kube umhlaka-19 kuNhlangulana.

Umthombo wesithombe: @NDTVSports

Scrolla World Cup Quiz