Ahlukaniswe ngempumelelo amawele abehlangene

Arthur Greene

Amawele amabili e-Brazil afika emhlabeni ehlangene ngobuchopho ahlukaniswe ngempumelelo ithimba lodokotela abahlinzayo e-London kanti likwenze lokhu lisebenzisa i-virtual reality.

U-Arthur noBernardo Lima bazalwa cishe eminyakeni emine edlule amakhanda abo ehlangene. Ubuchopho babo babuhlangene futhi akekho kubona owayekwazi ukuma noma abheke ubuso bukamfowabo.

Nokho ngemuva kokuhlinzwa okuyisikhombisa kanye namahora angu-33 ngaphansi kommese bazokwazi ukubukana emehlweni okokuqala ngqa.

Njengoba beneminyaka emithathu ubudala u-Arthur noBernardo bangamawele amadala e-craniopagus afika emhlabeni ehlangene ebuchosheni, kodwa asehlukaniswe ngempumelelo.

Ngaphansi kukadokotela ohlinza izingane uNoor ul Owase Jeelani ozinze e-London u-Arthur noBernardo bahlukaniswa futhi njengamanje baqala inqubo yokuphola kwezinyanga eziyisithupha e-Rio de Janeiro.

Ithimba elinikezwe umsebenzi wokwehlukanisa amawele ichithe izinyanga lizama ukuhlinza lisebenzisa ubuchwepheshe besimanje obubonakalayo obusezingeni eliphezulu inqubo uJeelani ayichaza ngokuthi izinto zeminyaka yasemkhathini.”

UJeelani utshele i-BBC ukuthi ngokokuqala ngqa odokotela abahlinzayo emazweni amabili ahlukene bekwazi ukusebenza ngenqubo efanayo basebenzisane futhi bakwenze lokhu ngempumelelo.”

“Ukuhlukaniswa kukaBernardo no-Arthur kube impumelelo ekhombisa ukuzimisela kwethimba  lase-Rio kanye nesibonelo esihle sokuthi kungani umsebenzi we-Gemini Untwined ubaluleke kangaka.”

I-Gemini Untwined iyinhlangano esiza abantulayo eyasungulwa ngo-2018 nguJeelani. Umsebenzi ka-Arthur noBernardo ungowesithupha uJeelani awuphothulile nenhlangano esiza abantulayo kulandela ukuhlinzwa kwamawele ahlangene e-Pakistan, e-Sudan, e-Israel kanye nase-Turkey.

“Asigcinanga ngokuhlinzeka ngekusasa elisha labafana nomndeni wabo, kodwa sihlomise iqembu lendawo ngamakhono nokuzethemba ukuze liphinde liqhube umsebenzi onzima kangaka esikhathini esizayo.”

Izihloko zakamuva