
Dylan Bettencourt
I-FlySafair okuyinkampani yezindiza eshibhile yaseNingizimu Afrika isibuyile nokuthengisa amathikithi ngamanani aphansi minyaka yonke.
Inkampani yezindiza imemezele ukuthi izodayisa amathikithi angu-30 000 ngo-R8 kusukela ngehora lesishiyagalolunye ekuseni ngoLwesithathu kuze kube ihora lesihlanu ntambama.
I-FlySafair ichaze ukuthi amathikithi abawakhiphile abhukhelwe kuphela izindiza zasekhaya futhi abantu bekumele bakhethe izinsuku mhla zinhlanu kuNhlaba kuze kube sekupheleni kukaMfumfu.
“Bahlali baseNingizimu Afrika siyanimema ukuthi nihlanganyele kanye nathi ngoba kusasa sizobe siqopha umlando. Hlalani nibheka izinkundla zethu zokuxhumana kanye nebhokisi lakho lemeyili ukuze uthole ulwazi olwengeziwe mayelana namathikithi ethu azobiza u-R8 aqala kusasa ngehora lesishiyagalolunye ngqo! Ungaphuthelwa,” kusho inkampani yezindiza ku-Twitter ibhale ngoLwesibili.
Ukuze abantu bathole lamathikithi bekufanele bangene kwisizindalwembu se-FlySafair.
Ukukhetha angeke kuthathwe ngokuthi umuntu ufike kuqala kodwa kuzotonyulwa.”
Ngesikhathi sokuthengisa okwedlule ngo-2019 iwebhusayithi ye-FlySafair yayinezikhathi ezingu-260,000 ngesikhathi esifanayo okwabangela ukuthi iphazamiseke.
“Sifundile emaphutheni ethu edlule mayelana nendlela yokukhulisa umthamo ukuze sigweme ukuthi izizindalwembu sethu singaphazamiseki,” kusho umphathi oyi-Marketing Officer ye-FlySafair uKirby Gordon etshela i-Business Insider South Africa.
Ukudayiswa kwamathikithi kwaqalwa ukusungulwa ngoNcwaba ngonyaka ka-2015 lapho kwadayiswa khona amathikithi angu-30 000 ngo-R1 kuphela.
Ngo-2018 badayise amathikithi ngo-R4 lilinye kwathi ngemuva konyaka banyusa umthamo waba ngu-45 000, kodwa ngentengo engu-R5.
Ukubheduka kwe-Covid-19 kuvimbe inkampani yezindiza ukuthi ingadayisi ngo-2020 nango-2021.