Agwetshiwe ‘amayengandoda’ abulalisa ikhasimende elalifuna ukuthenga

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Bagwetshiwe eNkantolo eNkulu yasePitoli abesifazane ababili abenza sengathi badayisa ngomzimba base beyengela ekufeni owesilisa oneminyaka engu-38 eminyakeni emine edlule.

ULebogang Tshabalala (29) no-Everjoy Sibanda (22) bobabili abakhulelwe njengamanje, bagwetshwe nabanye abasolwa okunguLucky Vincent Motholo, uKagiso Alfred Leleme Mathlabe noKamogelo Modise.

Owophiko lwe-National Prosecuting Authority uLumka Mahanjana uthe laba besifazane ababili, uTshabalala noSibanda babemi emgwaqeni e-Bokfontein ngasegaraji lakwa-Sasol eDaman, eKapa, ​​bezenza abantu abadayisa ngomzimba abafuna amakhasimende, laba besilisa abathathu babelinde ehlathini eliseduze.

“Isisulu sasiphuma emsebenzini ngesikhathi sehliswa imoto eduze kwalaba bobabili, wababuza ukuthi benzani lapha bamutshela ukuthi badayisa ngomzimba, isisulu sabe sesibatshela ukuthi abalinde lapha sizohamba siyokhipha imali egaraji lakwa-Sasol,” kusho uMahanjana.

UMahanjana uthe ngemuva kokuthi isisulu sikhiphe u-R900 sathenga nezinto ezincane, sabuyela kulaba besifazane ababili. Baya emahlathini okuyilapho abafike bafica abesilisa abathathu.

Laba besilisa abathathu bambopha izandla bamshaya befuna akhiphe i-pin yasebhange. Laba besifazane ababili baphindele egaraji beyokhipha imali, kodwa imizamo yabo ayizange iphumelele ngoba isisulu sabanika i-pin okungesiyo.

UMahanjana uthe ngakusasa ngemuva kokuthi unina wesisulu engakwazi ukumthola waya esiteshini samaphoyisa ukuyovula icala lomuntu olahlekile.

Ngemuva kophenyo olwenziwa ngamaphoyisa, isidumbu sesisulu esabe sesiibolile satholwa ehlathini.

Onogada basegaraji lakwaSasol babikele amaphoyisa ngemoto yohlobo lwe-Avanza abayibona ngosuku lwesigameko. Ngemuva kophenyo abane kulaba ababopha itulo baboshwa ngomhlaka-19 ngoZibandlela ngonyaka ka-2020 kwathi uModise waboshwa ngoNhlolanja ngonyaka ka-2022.

ENkantolo nguMotholo kuphela owalivuma icala.

Laba besifazane ababili bacele inkantolo ukuthi bakhulelwe uma isikhipha isigwebo.

UMshushisi u-Advocate Salome Scheepers utshele inkantolo ukuthi uMthetho Wokuhlunyeleliswa Kwezimilo unazo izinsiza zokunakekela abesifazane abakhulelwe emajele. Ube esecela inkantolo ukuthi ingagudluki kwisigwebo esinqunyiwe.

Likhipha isigwebo iJaji lithe icala lokubulala icala elibi kakhulu, asikho isigwebo esingakhishwa esizobuyisa impilo yalowo owabulawa.

Laba besifazane bagwetshwe iminyaka engu-15 bebhadla ejele umuntu ngamunye, ngamacala okuphanga besebenzisa isihluku, baphinde bagwetshwa iminyaka emithathu umuntu ngamunye ngelokuthumba.

Isithombe esingenhla: Amalambu amaphoyisa.

Umthombo wesithombe: Ifayela

Izihloko zakamuva