Arthur Greene
Ngenkathi amaphoyisa ethola ucingo oluphuthumayo mayelana nokumemeza kowesifazane obekhalela usizo, aphuthume endlini yesigameko – kodwa abakuficile, kubethuse ngendlela ababengayilindele!
Ngenkathi kuzwakala kaningana ukukhala obekuthi “Ngisizeni! Ngiphume! Ngisizeni! Ngiphume!” amasekela ka-Sheriff ase-Palm Beach County, e-Florida, ahlabe imibuzo owesilisa ohlala kulendlu.
Ungene endlini waphuma esephethe “upholi” engalweni yakhe.
Konke okwenzekile kwathetshulwa ngevidiyo eyaqoshwa wuhlelo lwezobuchwepheshe obuphezulu emzini wale ndoda ngoZibandlela.
Ngemuva kokungena ngaphakathi, le ndoda yabuya masinyane nopholi wayo oneminyaka engama-40 ogama lakhe linguRambo eqhwakele engalweni.
Ngesikhathi efaka le vidiyo ezinkundleni zokuxhumana, umnikazi wayo uthe wafundisa uRambo ukukhalela usizo njengehlaya.
“Bengishintsha amabhuleki emotweni yomkami kanti uRambo upholi wami oneminyaka engama-40 ubudala ubesebhentshini lakhe elingaphandle lapho ecula khona aphinde akhulume,” kusho umnikazi.
“Ngokuhamba kwesikhathi kuqhamuke amaphoyisa amane ethi umakhelwane ufonile ngoba ezwa owesifazane ekhala ecela usizo.”
Amaphoyisa abesekhululekile avele aphela insini.
Umnikazi kaRambo uthathe upholi oluhlaza ngombala futhi osekhulile wamyisa kumakhelwane obekhathazekile.
“Naye uvele waphela insini.”
Umthombo wevidiyo: Youtube