Adlale ngokuzimisela ama-Proteas ebhekene ne-India

Razeen Gutta

Umdlalo wesibili kwemihlanu we-T20 phakathi kwe-India ne-South Africa uqale njengomunye wemidlalo ephathwe ilabo abajikijela ibhola okusize uKagiso Rabada ukuthi athole iwikhethi yokuqala.

URuturaj Gaikwad okhishwe kusenesikhathi ngaphambi kokuthi u-Ishan Kishan aguqule umdlalo wavuna i-India ngama-deliveries angu-34 kwangu-21.

UShreyas Iyer ubedlala ngokuzimisela wathola amaphuzu angu-40 phakathi nomdlalo.

Nokho ukuya kwakhe e-Dwaine Pretorius kanye nokudlala ngokuzimisela kukaWayne Parnell ephosa ibhola ku-Hardik Pandya kubeke i-cap kuma-runs kwashiya i-India ithole angu-98 kwamahlanu kusasele ama-overs ayisithupha. 

Ama-overs amathathu alandelayo alethe ama-runs angu-14 nje kuphela njengoba abasubathi bephumelele ukuthola ama-deliveries angu-24 kuphela.

UDinesh Karthik uqede ngesitayela nokho esiza iqembu lakhe ukuthi lithole amaphuzu angu-148 kwayisithupha kulo mdlalo. 

I-India ibonakale ilawula lo mdlalo ngemuva kwama-innings esibili kwi-powerplay yenza amagalelo amathathu abalulekile.

Ukwethulwa komdlali ongene endaweni kaQuinton de Kock uHeinrich Klaasen kuwushintshile umdlalo kwinombolo yesihlanu. 

Lo mdlali oneminyaka engu-30 ubudala owazalelwa ePitoli ongunozinti ufake iso lakhe kahle wathola u-81 waphinde washaya ngaphezulu kuka-175 wathola amaphuzu amane kayisikhombisa namaphuzu ayisithupha kahlanu.

UBhuvneshwar Kumar ujikijele ibhola ngendlela encomekayo wathola amawikhethi amane kwangu-13 kuma-overs akhe amane.

Kwaphinde kwaba nguDavid Miller odlale ngokuzimisela kulandelana uchungechunge lwemidlalo wathola ama-runs angu-20 emaqenjini angu-15 ukuze iNingizimu Afrika iphumelele.

Izivakashi manje zihola uchungechunge lwemidlalo emihlanu ngamaphuzu amabili eqandeni kanti umdlalo wesithathu uzoba se-Visakhapatnam ngoLwesibili.

Umthombo wesithombe: @CricTelegraph

Izihloko zakamuva