Adlale ngencomekayo amaProteas

Razeen Gutta

INingizimu Afrika ibidinga ihora kuphela ngosuku lwesihlanu ukusonga umdlalo wokuqala wokuhlola e-Kingsmead. 

Idlale ngendlela emangalisayo njengoba ikhiphe i-Bangladesh ngama-runs angu-53 ukuze inqobe ngama-runs angu-223.

UDean Elgar udlale ngendlela emangalisayo izolo ekuseni kanti uSimon Harmer noKeshav Maharaj abazange bamudumaze.

UHarmer ulandele amawikhethi akhe amane kuma-innings okuqala ngokuthatha amanye amathathu ukukhombisa ukubuya okumangalisayo kwi-test arene.

UMaharaj ubezimisele ngendlela emangalisayo ngosuku lwesihlanu. Lo mdlali oneminyaka engu-32, uthathe amawikhethi ayisikhombisa enkundleni yakhe. Abazali bakhe bebebukele endlini ngesikhathi indodana yabo ithola umklomelo womdlali ovelele.

UMaharaj uqede enamanani angu-7/32 kuma-overs ayishumi.

Uthe ujabule ngokuthi kube nokuguquguquka komqondo ngakwi-spin bowling eNingizimu Afrika.

“Ngifikelwa umunyu ngoba ukudlala ekhaya kuhlale kukhethekile. Ngiyajabula ukuthi ngikwazile ukuthatha iqembu ngalibeka phezulu. Ukusebenza kanzima ngama-innings okuqala kube nemiphumela emihle kweyesibili,” kusho uMaharaj ngemuva komdlalo.

Amaphuzu esibili ama-innings e-Bangladesh kube amaphuzu abo esibili angaphansi emlandweni wabo kanye namaphuzu esephelele angaphansi kunawo wonke kunoma iliphi iqembu e-Kingsmead.

Nokho, i-BCB ikuqinisekisile ukuthi izofaka isikhalo ku-ICC mayelana nonompempe ngesikhathi somdlalo wokuhlolwa.

“Vele sesisifakile isikhalo ngonompempe ngemuva kochungechunge lwe-ODI. 

Unompempe womdlalo ekuqaleni akazange aziphathe kahle kumphathi wethu uNafees Iqbal kodwa wabe esethamba ngesikhathi simnika isikhalo esibhalwe phansi. Sizofaka esinye isikhalo ngalo mdlalo wokuhlola,” ikhilikithi ye-BCB kusho isikhulu sezokusebenza uJalal Yunus etshela i-ESPNcricinfo.

“Nakanjani ukuhlukumezana kwenzeka ezinhlangothini zombili kodwa kuthe uma sebephinda futhi sakhalaza konompempe ukuthi lokhu akwamukelekile. Siyakugxeka ngokuphelele. Kumele sizamukele izinqumo zikanompempe kodwa i-ICC kumele ibuyise ukungathathi hlangothi kukanompempe.”

I-test yesibili neyokugcina yaloluhambo izoqala e-Port Elizabeth ngoLwesihlanu.

Umthombo wesithombe: @OfficialCSA

Izihloko zakamuva