Dylan Bettencourt
Amateki kaMichael Jordan angonyaka wezi-1984 adayiswe ngemali elinganiselwa kwizigidi ezi-22 zamarandi, futhi la mateki aqophe umlando ngokudayisa endalini ngemali ebiza kakhulu emhlabeni wonke.
Amateki amabili e-Air Jordan 1s abomvu namnyama bekungamateki akudala agqokwa uJordan phakathi nesizini yakhe ye-rookie, eminyakeni engama-37 edlule.
Amateki afake uphawu lomdlali webhola lomqakiswano ohamba phambili kunabo bonke, kanti la mateki aba ngawokuqala ukuthengisa ngesamba senani eliyisikhombisa.
“Ukwethula amateki ashaqisayo nabalulekile kule ndali ekhethekile e-Las Vegas kuqinisa amandla nokufinyelela okubanzi komphakathi oqoqa amateki,” kusho uBrahm Wachter, umphathi we-Sotheby’s nomnyango wezingubo zasemgwaqeni.
I-Sotheby’s, eyaziwa ngenkampani yayo yezindlu, isungule inkampani yezobuciko eqale ukudayisa amateki endalini ngonyaka wezi-2019.
Ukudayiswa kwabo nenzuzo abayenze phambilini bekutholakala kuma-Nike Air Jordan 1s, athengiswa ngezigidi ezi-8,2 zamarandi ekuqaleni konyaka wezi-2020.
Nokho le nkampani isike yadayisa i-Nike Air Yeezy eyayigqokwe nguKanye West kuma-Grammy Awards angonyaka wezi-2018 ngesamba sezigidi ezi- 26.6 zamarandi, kodwa yadayiswa ngasese futhi abazange bayifake endalini.
Lo mpetha we-NBA osewine amahlandla ayisithupha waba manqikanqika ukusayina isivumelwano ne-Nike nokukhipha eyakhe umkhiqizo ngonyaka wezi-1984, kodwa ngemuva kokuba unina emkhohlise ukuthi asayine isivumelwano, ukufunwa kwamateki kwakhula ngesivinini esimangalisayo.
Umkhiqizo wamateki e-Jordan manje usubiza isamba semali eyizigidigidi ezi-70 zamarandi kanti umdlali webhola lomnqakiswano usebiza izigidigidi ezi-23 zamarandi, ikakhulukazi ngenxa yempumelelo yomkhiqizo wakhe wamateku.
Umthombo wesithombe: @NBCNews