Adayiswa ngeshumi amathikithi omdlalo wekhilikithi

Razeen Gutta

Abalandeli bekhilikithi bakuleli e-North West bazokwazi ukubuka imidlalo ezayo ye-CSA T20 Challenge ngemali encane engango-R1 e-Potchefstroom ngomhlaka-17 kuMfumfu.

Amaqembu ayisishiyagalombili e-Division one akuleli azobamba iqhaza kulo mqhudelwano kanti i-Boland Rocks ibheke ukuvikela isicoco sayo ngemuva kokuhlula i-Titans ngama-runs angu-15 ngonyaka odlule e-St George’s Park.

Amanye amaqembu abambe iqhaza kulo mqhudelwano kubalwa i-North West Dragons, i-Lions, i-Dolphins, i-Western Province, i-Knights kanye nama-Warriors.

Yonke imidlalo izoba se-JB Marks Oval e-Potchefstroom kanti kuzoba nemidlalo yeligi engu-28 ngoMsombuluko mhlaka-17 kuMfumfu nangoLwesibili mhla zizinye kuLwezi.

Amaqembu amane azophuma phambili azongena emdlalweni eyandulela owamanqamu kanti abawinile bazongenela owamanqamu mhla zinhlanu kuLwezi.

Amathikithi aseyatholakala e-Ticketpro. Amanani asukela ku-R1 kuye ku-R50 kanti kuzoba nemidlalo emibili  ngosuku.

Isithombe esingenhla ngesamaLions ebhekene nama-Warriors

Umthombo: @ProteasMenCSA

Izihloko zakamuva