Abuye ngegiya eliphezulu amaBhokobhoko  

Lubhalwe nguLucky Maree

Ngabe bekungamasonto amahlanu edlule ngesikhathi ama-Blitzboks ezithela ngehlazo  kweye-Hong Kong Sevens angenza kahle, kodwa  athembisa ukwenza kangcono ngokuzayo?

Uma ngibheka emuva ama-Blitzboks aphoxa abaningi ngokungenzi kahle emqhudelwaneni njengoba  bahlulwa i-Great Britain, i-France, i-Fiji ne-Argentina.

Kweminye yemidlalo ababhekana nayo i-Cape Town Sevens ibone amaqembu afana ne-Fiji, i-France ne-Great Britain ehluleka ukuhlula iqembu lama-Blitzboks.

Lesi isikhathi  esifanele sokuziphindiselela kwabo!

Umdlalo wama-quarter-final bedlala ne-Great Britain ubunzima cishe imizuzu engu-14, kodwa ngandlela thize bekubonakala ukuthi ama-Blitzboks azowunqoba lo mdlalo. Yize umugqa wamagoli ubukhombisa ukuthi elakuleli linqobe kuphela nge-try yokugcina ngomzuzu ka-13 ama-Blitzboks abehlezi ehamba phambili.

Okugqamile emdlalweni cishe i-try ka-Ricardo Duarttee ngoba nguye obekhombisa ukuzimisela kakhulu. Izinyathelo ezincane kunazo zonke zimnike ithuba elicacile lokuya emgqeni wokuzama. Akekho omangele njengoba ethole isiteketiso sokubizwa ngoTrick Ricky. Kuyishwa lezinhlaka zebhola lombhoxo lakuleli ukuthi abadlali be-Sevens bahlwithwe ngamaqembu angu-15 kanti uDuarttee ubhekwe ngabomvu uma ehlale kuma-Sevens isikhathi eside ngokwanele uzoba umpetha kulo mdlalo.

Elakuleli lizobhekana ne-Samoa kowandulela owamanqamu ngo-3.46 ntambama ngeSonto.

Eqenjini lakuleli:

Abashaye ama-try nguRyan Oosthuizen, uRicardo Duarttee noDalvon Blood. 

Ama-conversions abemathathu

I-Great Britain:

Abashaye ama-try nguMorgan Williams noFemi Sofolarin 

Ama-conversions abemabili

I-Blitzboks ithole amaphuzu angu-21 kanti i-Great Britain ithole angu-14. 

Amazwibela: UTricky Ricky ebungaza

Umthombo wesithombe: SARugbyMag

Izihloko zakamuva