Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
Zihlalele ovalweni izakhamuzi zase-Jerusalem komazakhele e-Ekurhuleni njengoba imigodi emikhulu eyavuleka eminyakeni eyedlule isaqhubeka futhi iba ingozi emphakathini.
Imigodi emibili emide cite ngamakhilomitha ayishumi noma u-20 avele eminyakeni emithathu edlule iyaqhubeka iyanda okubeka ukuphila kwabantu engozini.
UMaria Mofokeng oyisakhamuzi esikhathazekile wabelane ngobunzima ababhekene nabo ngesikhathi ekhuluma ne-Scrolla.Africa, edalula ukuthi bavaleleke kanjani ezindlini zabo nemindeni yabo, okubeka ukuphepha kwezingane zabo engcupheni.
“kubanzima ukulala ebusuku njengoba umgodi uvuleke eduze komjondolo wethu,” kusho uMofokeng, izwi lakhe ebeliqhaqhazela ngenxa yokwesaba.
Lo mgodi omkhulu usondelene nemijondolo yezakhamuzi futhi uyingozi kakhulu ngemuva kokuthi umakhelwane awelwe umjondolo wakhe emgodini ngesikhathi elele, okuyinto ekhathaza umphakathi. Njengoba impahla yakhe ingene kulo mgodi ube nenhlanhla yena yokusinda.
Njengoba bezizama ukuzivikela izakhamuzi zahlanganisa izinsiza zazo zafaka uthango oluzungeza umgodi. Nokho imizamo yabo ayizange iphumelele njengoba lolu thango luntshontshiwe ezinsukwini ezimbalwa kamuva okwenze izimpilo zabo zaba sengozini futhi.
“Sesike sivale amasango emini ukuze sivikele izingane zethu, kodwa nalokho kungase kungasisebenzeli. Kuzothiwani uma zingaphoseka kulo mgodi zidlala egcekeni?” UMofokeng wabelana ngokukhathazeka kwakhe okusobala.
Phezu kokunxusa kwabo kaningi kwiziphathimandla zikaMasipala wase-Ekurhuleni, umphakathi uthi usunesikhathi eside unganakwa.
“Besilokhu sicela uMasipala omkhulu ukuthi uvale yomibili imigodi selokhu yavela, kodwa sitshelwa ukuthi imali ayikho,” kusho umholi womphakathi uChris Mabaso, obonakala ngokuphatheka kabi ngalesi simo. “Balinde ukuthi kwenzeke inhlekelele ngaphambi kokuthi bathathe izinyathelo balungise le migodi?”
Njengoba ukuphepha komphakathi kusengcupheni, ukungaphenduli kwezikhulu zikaMasipala kuwushiye uzizwa unganakiwe futhi ulahliwe.
Ngaphandle kokuphawula kwezikhulu zikaMasipala wase-Ekurhuleni ngesikhathi sokushicilela, izakhamuzi zase-Jerusalem komazakhela ziyaqhubeka nokuhlala ngokwesaba, zibheke inhlekelele elandelayo engase ilethwe yile migodi.
Isithombe esingenhla: Umgodi ongamamitha angu-20
Umthombo wesithombe: UDoreen Mokgolo