Abusafiki ubuthongo kogade izingane zakhe emzini ongenasicabha

Celani Sikhakhane

Uma uwubukela kude umuzi ngathi umgede. Awunaso isicabha namawindi.

UPheziphi Zwane waseMangweni endaweni yase-Ladysmithi KwaZulu Natali akasalali ebusuku ezama ukugada izilwane noma izigebengu ezingazama ukungena emzini wakhe.

Utshele i-Scrolla.Africa ukuthi imizi yakhe eyakhiwe ngodaka isiyawa ngenxa yezimvula ezinamandla fuhi akakabi nawo amandla okwakha ezinye. Kunalokho usechithe unyaka endlini enodaka efulelwe ngotshani engawa noma inini.

Upheka kuwona, adle aphinde ageze kuwona lo muzi nabantwana bakhe.

Lesi simo senze umsakazi woKhozi FM u-Ayanda Msweli wathinteka emoyeni. 

Angikaze ngabona isimo esinjena empilweni yami ngiyafisa ukuba osomabhizinisi nabantu bahulumeni bangasiza lo mndeni kusho uMsweli.

UZwane uthe bahlala emakhaya endaweni lapho kungaziwa lutho ngohulumeni noma ngezinto ezenzeka emhlabeni.

Lo muzi ilona khayalethu esinalo. Silala njengezilwane ngoba kumele sihlale njalo siqaphile sivule ihlo elilodwa ukuze sigade abantu abangafisa ukusihlasela. Asinazo ngisho izicabha ezikhiyekayo ngoba zafa ngenkathi kunezimvula ezinamandla.

Izihloko zakamuva