Celani Sikhakhane
Kudutshulwe amabhubesi ayisithupha ngoLwesihlanu ngenxa “yokuziphatha kabi kwawo,” ngokusho kwe-Ezemvelo KZN Wildlife.
La mabhubesi ebesebulale izinkomo eziyisithupha kanti isibalo singase senyuke njengoba imiphakathi yaseNqulwane nasoKhukho oLundi isabala imfuyo efile.
Okhulumela i-Ezemvelo uMnu Musa Mntambo, uthe amabhubesi abengasaziphathi ngendlela ejwayelekile emiphakathini.
“Ngokujwayelekile uma amabhubesi ehlangana namalungu omphakathi ayabaleka kodwa kulokhu abeziphethe ngendlela ehlukile, akhethe ukuhamba ebheke ngakubantu kanti lokho ingozi enkulu ebantwini,” kusho uMntambo.
La mabhubesi ayisithupha eqe eHluhluwe eMfolozi Park enyakatho yeKwaZulu-Natal emasontweni amathathu edlule.
UMntambo uthe banqume ukubulala la mabhubesi kulandela imibhikisho eminingi yomphakathi njengoba amalungu eqembu lomphakathi linqume ukusika ucingo lihlalela ngaphakathi kulesi siqiwu.
Uthe ababhikishi bebengagcini ngokuhlala ngaphakathi eHluhluwe eMfolozi Park kodwa bebezingela futhi bebulala noma yimaphi amabhubesi abawabonayo.
Leli qembu lihlangane noNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha neMvelo, uMnu Ravi Pillay ngoLwesibili, kwanqunywa ukuthi amabhubesi azobulawa uma eqa futhi.
Sekuphele iminyaka umphakathi wasoKhukho uthuswa izilwane zasendle ezihlala eziqiwini.
Amalungu omphakathi atshelwe ukuthi uma kukhona isilwane esihlukumeza umphakathi, akukho sinxephezelo esizokhishwa – kuze kwaba yimanje lapho abakinekezwe khona inyama yebhubesi ukuthi bayidle.
I-Ezemvelo ithe lezo zilwane bezivele zikhona ngaphambi kokuthi kwakhiwe iziqiwu.
