Abukho ubuthaka ngokuzama ukuthola usizo: umlingisi

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

UTumelo Matlala unxusa ababukeli ukuthi basebenzise indima yakhe kwi-Durban General ukuhlonza izimpawu ebudlelwaneni obuhlukumezayo.

Lo mlingisi ulingisa indawo kadokotela uSkhumbuzo Khumalo okhathazwa impilo yakhe ngesikhathi esangumfanyana yonukubezwa ngokocansi umamncane wakhe.

Ekhuluma ne-Scrolla.Africa uMatlala uthe le ndima ayidlalayo yamphoqa ukuthi abonane ubuso nobuso nabahlukumezi ukuze abaqonde nokuthi baphenduke kanjani izilwane.

“Ngavakashela amajele ngaba nezingxoxo nabakhululwe ngoshwele kanye nezinhlangano zabesilisa kuphela futhi ngaphatheka kabi ngobuhlungu obuholele ezenzweni zabo,” esho.

“Siwumphakathi onezinkinga. Leli yizwe elikhungethwe izigameko zodlame nokubulawa kwabantu. Abesifazane babulawa mihla namalanga ngabantu ababaziyo kanye nabantu abathandana nabo.”

Uthe amadoda kumele athembeke ngobuhlungu ababuzwayo.

“Nginxusa amadoda ukuthi akhulume afune ukwelulekwa ngokwengqondo. Abukho ubuthakathaka ngokuzama ukuthola usizo kodwa ukukhipha ukukhungatheka kwabo kulabo abasengozini kuwubuthaka obukhulu,” esho.

UMatlala uthe usephila nesithunzi sokuba umhlukumezi ngenxa yendima yakhe.

“Kukaningi ngibuzwa ngeqhaza lami elihlukumezayo futhi ngibizwa njengombulali olandelanayo. Ngisho abangani bami engisondelene nabo badalule ukuthi sebeyahluleka ukungehlukanisa nale ndima,” esho.

“Ngiyajabula ngokuthi ngikwazile ukwenza indima ibe ngokoqobo nokuthi ngivuse izingxoxo ngale ndaba.”

Uthe ukudlala le ndima yikhona okunenselelo enkulu empilweni yakhe.

“Ukuze ngiphilise indima yami  kwadingeka ukuthi ngiqale ukubhema uma ngilingisa nokuyinto engayiyeka ngisemusha,” esho.

“Ngenxa yokuthi ngingumKristu ozelwe kabusha ngangesaba ukuthi amaKristu engikanye nawo azongahlulela njengoba sikhuthazwa ukuthi simelane nokusebenzisa kabi izidakamizwa.”

Umatasa nomsebenzi wakhe omusha emdlalweni wakumabonakude lapho azodlala khona indawo kasomabhizinisi. Lo mculi wezokholo owaziwayo uhlela ukukhipha i-albhamu entsha ngasekupheleni konyaka.

Esithombeni esingenhla: Umlingisi uTumelo Matlala

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva