Ngu Dylan Bettencourt
Amalungu omphakathi we-LGBTQ+ ashayiwe aphinde aboshwa abezokuphepha e-Qatar, kusho inhlangano yamalungelo abantu.
Njengoba sekusele isikhathi esingaphansi kwenyanga ngaphambi kokuthi kuqale iNdebe yoMhlaba ye-Fifa, umphakathi we-LGBTQ+ usalokhu usencupheni e-Qatar.
Namanje ukuthandana nobulili obufanayo kanye nokushintsha ubulili akukho emthethweni ezweni elizosingatha iNdebe yoMhlaba yize iziphathimandla zithi ngeke zizame ukulawula okwenziwa izivakashi ngesikhathi salo mqhudelwano ezimeni ezizimele.
I-Fifa kanye nabagqugquzeli beNdebe yoMhlaba bathi bonke abantu bamukelekile ukuzothamela lo mqhudelwano kungakhathalekile ukuthi bayinhloboni yobulili nokuthi bavela kuphi.
Kodwa-ke i-Human Rights Watch iveze amacala ayisithupha ahlukene okushaywa kanzima ngokuphindelela kanye namanye amahlanu okuhlukunyezwa ngokocansi esitokisini samaphoyisa phakathi kuka-2019 no-2022, kubika i-The Times.
Izisulu eziyisithupha zithi zahlukunyezwa nasemzimbeni ngaphambi kokuthi ziphoqwe ukusayina ukuthi zivuma icala. Baphinde banqatshelwa ukubona imindeni yabo, izeluleko zomthetho kanye nokunakekelwa kwezempilo.
Zonke izisulu bekuyizakhamizi zase-Qatar ezine ngabesifazane abashintsha ubulili, oyedwa ngowesifazane othandana nobulili obufanayo kanye nowesilisa othandana nobulili obufanayo.
Umcwaningi wamalungelo e-LGBT uRasha Younes ucele ukuthi kungenelele i-Fifa ngesikhathi bebambe umhlangani.
“Uhulumeni wase-Qatar kufanele akumise ngokushesha lokhu kuhlukumeza futhi i-Fifa kufanele iphushe uhulumeni wase-Qatar ukuthi aqinisekise izinguquko zesikhathi eside ezivikela abantu bomphakathi we-LGBT ekubandlululweni nodlame,” kusho umcwaningi.
Esinye sezisulu esazishintsha ubulili sithi saboshelwa icala “lokuzenza umuntu wesifazane.”
Uchaze ukuthi amaphoyisa amshaya emotweni ngaphambi kokumvalela amasonto amathathu ngaphandle kokumbeka icala.
“Iphoyisa langithatha ngemoto langivala amehlo langiyisa endaweni enjengendlu yomuntu langiphoqa ukuthi ngibuke abantu ababevinjiwe beshaywa njengeqhinga lokungisabisa,” esho.
Isikhulu sase-Qatar sithe izinsolo ezenziwayo azilona iqiniso.
“Lezi zinsolo azizange zilethwe kithi zibikwa kwabezindaba kuqala. Ukube i-Human Rights Watch isithintile besizokwazi ukuphikisa lezi zinsolo,” kusho isikhulu.
Isithombe esingenhla: Ibhola leNdebe yoMhlaba kanye nesifanekiso
Umthombo wesithombe: @AlJazeera