Abokufika bakhathazekile ngezincwadi eseziphelelwe isikhathi ezibagunyaza ukuthi bahlale eNingizimu afrika

Moyahabo Mabeba

U-Abram noChio Mathi bafika ngokusemthethweni eNingizimu Afrika ngonyaka ka-2009 bafaka isicelo se-Zimbabwean Exemption Permit (ZEP). Baqashwa njengothisha esikoleni esizimele e-Seshego e-Limpopo.

Kodwa njalo uma bezama ukufaka isicelo kabusha sokuthola izimvume zokusebenza bathwala kanzima ngenxa yokungaphumi kwamaphepha eMnyangweni wezaseKhaya, kusho u-Abraham. 

Abashadikazi base-Zimbabwe bathi manje bazobhekana nenkinga uma behluleka ukuvuselela izimvume zokusebenza.

U-Abram uthe wagcina ukufaka isicelo se-ZEP eminyakeni emine edlule futhi akakayivuseleli imvume yakhe. Izimvume zikhishwa ngemuva kwesikhathi seminyaka emine.

U-Abram ungomunye wabaningi base-Zimbabwe abanikezwe isikhathi esengeziwe sezinyanga eziyi-12 kuze kube umhlaka-31 kuZibandlela ukuthi bavuselele imvume yokusebenza.

“Kuhlale kuyinselelo ukufaka kabusha isicelo semvume yokusebenza eNingizimu Afrika,” kusho u-Abram.

“UMnyango wezaseKhaya awuzilungisi izinto ngesikhathi, kodwa imali ihlezi ishintsha njalo.

Ubaba wezingane ezintathu uthe umndeni wakhe uthatha iNingizimu Afrika njengekhaya lesibili futhi uzimjsele ngokufaka isicelo sokuhlala unomphela kulelizwe.

“Asicabangi ukubuyela e-Zimbabwe ngenxa yesimo somnotho esikhona. Safika eNingizimu Afrika sifuna amadlelo aluhlaza sawathola. Izingane zethu zifunda ngokukhululeka ezikoleni zase-Polokwane.”

NgoLwesine, i-Government Communication and Information System (GCIS) ikugxekile ukuhlaselwa ezinkundleni zokuxhumana obekubhekiswe kuNgqongqoshe wezaseKhaya u-Aaron Motsoaledi mayelana ne-ZEP ephelelwe isikhathi njengoba bethi abawazi amaphepba ukuthi akuphi.

Esitatimendeni, i-GCIS ithe njengoba i-ZEP iphelelwe isikhathi iKhabhinethi ikwenze ngenhloso lokho mhlaka-24 kuLwezi 2021.

Ngokusho kwesitatimende,“iKhabhinethi inqume ukuthi ngeke isakwazi ukwelula isikhathi sesicelo esiyisipesheli sase-Zimbabwe. Kodwa-ke, iKhabhinethi ibuye yanquma isikhathi esengeziwe sezinyanga ezingu-12 njengoba i-ZEP isiphelelwe isikhathi,” ngokusho kwesitatimende.

Izihloko zakamuva