AboHlanga be-DA baphunyukwe ingqayizivele yethuba 

Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli wezepolitiki

Izithunywa zabamnyama engqungqutheleni yokukhetha ubuholi bukazwelonke be-DA zilahlekelwe ithuba lokwethula ozongenela isikhundla sokuba iphini lomholi weqembu.

Lesi bekuyisichibiyelo esibalulekile somthethosisekelo ebese silethwa kule ngqungquthela okwesithathu.

Ngesikhathi isiphakamiso sehluleka ngemuva kokubalwa kwamavoti angaphezu kuka-2 000, ithimba ebelivotele lesi siphakamiso alizange liyikholwe imiphumela eseduze yamavoti angu-850 abevumelana nesiphakamiso kwangu-879 abephikisana naso.

Ukuvotela lesi siphakamiso akukaze kusondele njengoba imizamo yangaphambilini yenqatshwa ngokuphelele.

OwayeyiMeya yase-Tshwane uMnu Solly Msimanga uqoshwe ikhamera ethi kumele kubalwe kabusha.

“Kunezifundazwe eziningi ezinamaphini abaholi bezifundazwe. Eqenjini elikhulayo nelizoba yingxenye kahulumeni ngicabanga ukuthi kunesidingo sokuhlinzeka ngamakhono azosiza iqembu kanye nohulumeni.

“Ngakho-ke, ngicabanga ukuthi ukuba nephini lomholi nakho kuyilelo khono elengeziwe… futhi kubalulekile ukuthi siqale ukubheka lokho ukuze sikwazi ukuqala ukwakha izikhundla ngoba esinakho kwi-DA umholi ozayo okuzomele aqale yonke into phansi,” kuchaza uMsimanga kwabezindaba.

Lesi siphakamiso besenzelwe ukuthi siqhubekisele phambili lowo owayeyimeya yaseGoli uDkt Mpho Phalatse ukuthi angene esikhundleni esiphezulu seqembu nokuthi ethulwe njengomuntu ongase abe umholi weqembu esikhathini esizayo.

Kunamahlebezi wokuthi umholi wamanje uJohn Steenhuisen angeke aphinde aqokwe engqungqutheleni.

Leli ngelinye ithuba elilahlwe i-DA okuyimanje enobuholi wabamhlophe njengoba ilungiselela ukhetho lukazwelonke lwango-2024.

Lo mkhankaso uzoholwa uSteenhuisen ophinde waqokwa njengoSihlalo we-Federal Council uHelen Zille.

Abanye abazohamba phambili uNdunankulu wase-Western Cape u-Alan Winde, iMeya yaseKapa uGeordin Hill-Lewis, iMeya yaseNelson Mandela Bay uRetief Odendaal, iMeya kaMasipala waseMngeni uChris Pappas kanye neMeya yase-Tshwane esanda kukhethwa uCilliers Brink.

Laba ngabaholi abathenjwayo ababhekelele ukulethwa kwezidingo komasipala abaphethwe i-DA futhi bonke bamhlophe.

Abaholi be-DA abamnyama abazophinde bahole imikhankaso yokhetho kubalwa uSotswebhu we-DA uMnu Siviwe Gwarube, uPhalatse, uMsimanga, owayeyiMeya kumasipala waseNelson Mandela Bay uMnu Nqaba Bhanga e-Eastern Cape kanye noNkk Jane Sithole ongumholi we-DA eMpumalanga.

USteenhuisen uthe iqembu lilungiselela ukuhlolwa kwalo okukhulu kakhulu ngo-2024 ukuze lehlisele i-ANC ngaphansi kuka-50%.

“Kuyimanje sisendleleni yokuthola umphumela ozoqopha umlando ngo-2024 lapho okumele sehlisele i-ANC ngaphansi kuka-50% sihlenge elakuleli. Lona umsebenzi wethu.

“I-DA kumele ibambe iqhaza ekwakhiweni kwalakuleli ngemuva kwe-ANC futhi sihumusha umbono wethu womphakathi onamathuba avuleleke kuwo wonke umuntu ukuthi ube uhlelo oluyiqiniso bonke abantu bakuleli abangahambisana nalo,” kusho uSteenhuisen.

Esithombeni esingenhla: Izithunywa zabamnyama ezilahlekelwa isiphakamiso esibalulekile engqungqutheleni ye-DA

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva