Abezokuphepha be-ANC basolwa ngokubulawa kwabantu eNanda

Lungani Zungu

Imindeni yabesifazane abathathu ababulawe besemhlanganweni we-ANC eNanda isola iqembu elibusayo ngokushona kwabalandeli babo.

USimnikiwe Makhanda, isoka likaPhilisiwe Jili, ongomunye wabesifazane abathathu abashonile, uthe akasoze ayixolela i-ANC.

UJili oneminyaka engama-37, uNcami Shange oneminyaka engama-34, kanye noBeatrice Dlamini oneminyaka engama-75, badutshulwe besesikoleni samabanga aphansi iBuhlebethu ngabantu abebehamba ngemoto eNanda enyakatho yeTheku ngoMgqibelo.

Lesi sikole bekuyindawo yomhlangano we-ANC obubanjelwe ukuzophakamisa abazongenela ukhetho lwamakhansela ezigceme. Njengoba amalungu ebanga izikhundla zobukhansela, inqubo ibikhungethwe wudlame ezigcemeni eziningi ezweni lonke.

UMakhanda ubuze ukuthi kungani i-ANC ingazange ikhiphe izinsiza kusebenza ukuqinisekisa ukuphepha kwabantu abebehambele lo mhlangano.

“Awukwazi ukubiza umhlangano obaluleke kangaka bese ungakuqinisekisi ukuphepha kwabantu abakhona,” utshele i-Scrolla.Africa.

“Igazi lentombi yami lisezandleni ze-ANC, futhi akukho abazokwenza okuzoshintsha umqondo wami ngeqembu labo”.

UMakhanda uthe kumxakile ukuthi kungani i-ANC ingawalethanga amaphoyisa ukuthi aqaphe le ndawo.

“Angiqondi ukuthi kungani i-ANC ishiye umphakathi wodwa ekubeni yazi kahle ukuthi amalungu amaningi eqembu ayizigelekeqe ezibulala abantu,” kusho uMakhanda.

UMakhanda uthe ngeke aphume ukuyobhalisa ngempelasonto ngoba usabela impilo yakhe.

UJili noMakhanda, abesebethandane iminyaka eyisithupha, bebehlala ndawonye eNanda.

“Bengizimisele ngokumkhokhela ilobola maduzane,” kusho uMakhanda.

Umyeni kaBeatrice Dlamini, uSelby Dlamini, ucele ukuba anikwe isikhathi njengoba ebhekene nokulahlekelwa yisithandwa sakhe seminyaka engama-48.

Ubuholi be-ANC esifundazweni, uNdunankulu uSihle Zikalala kanye nabanye abaholi beqembu bahambele imindeni ebisosizini ngoMsombuluko. UNdunankulu uthembise ukuthi uhulumeni wesifundazwe uzosiza ngemingcwabo.

Ikhansela lamanje le-ANC esigcemeni uScebi Mkhwanazi uthe abantu abaningi bamtshele ukuthi bayasaba ukuyobhalisela ukuvota ngoMgqibelo nangeSonto.

Amaphoyisa aqale umkhankaso wokuthungatha ababulali. Okwamanje bekungakaboshwa muntu ngalesi sigameko.

Izihloko zakamuva