Abezinkukhu benza eshisiwe ngeziphakelwa insangu

Kamogelo Olaitan

Ipulazi lezinkukhu lase-Thailand eliphakela izinkukhu zalo insangu lithole ukuthi amakhasimende alo azijabulela kakhulu lezi zinkukhu.

Ipulazi lifaka insangu egayiwe ekudleni kwezinkukhu, kanti awekho ama-antibiotics noma eminye imithi efakwayo – kanti ibhizinisi liyachichima nezinkukhu zithengwa kakhulu.

Ipulazi elise-Lampang litshala insangu liphinde likhulise nezinkukhu.

Izinkukhu zidayiswa ngokuphindwe kabili kunentengo evamile elinganiselwa ku-R23.70 nge-500g ngoba abathengi bafuna izinkukhu zemvelo ezinganikezwa ama-antibiotics.

Inyama evela ku-“GanjaChicken” – njengoba ziteketiswa kanjalo – kubikwa ukuthi ithambile futhi inambitheka kangcono kunenkukhu evamile.

Umnyango we-Animal and Aquatic Sciences eNyuvesi yase-Chiang Mai – owenza ucwaningo ngomthelela wensangu ezinkukhwini – uthe zingaphansi kuka-10% izinkukhu ezingu-1,000 ezifile epulazini selokhu kwafakwa insangu ekudleni kwezinkukhu kusukela ngoMasingana ngo-2021.

Umsizi kaSolwazi uChompunut Lumsangkul, ohola lolu cwaningo, utshele i-BusinessInsider ukuthi ukuphakela izinkukhu insangu kubonakala kusebenza.

“Abathengi base-Thailand bakunakile lokhu ngoba siyanda isidingo sezinkukhu kanti abafuyi abaningi sekumele basebenzise ama-antibiotics. Ngakho-ke amanye amakhasimende afuna ukuthola umkhiqizo ophephile,” esho.

ULumsangkul wengeze ngokuthi izinkukhu azidakwa yinsangu ngoba ukuziphatha kwazo akushintshi ngalutho ngemuva kokudla insangu.

Bekungakacaci okwamanje ukuthi ziyini izinzuzo ezigcwele zokuphakela izinkukhu insangu, akwaziwa nokuthi kungani igcina izinkukhu ziphilile.

“Kungenzeka ukuthi insangu inezinhlanganisela ze-bioactive noma izinto ezikhuthaza ukusebenza kwe-metabolic nezimo zempilo ezingcono, ezithuthukisa amasosha omzimba ezinkukhu,” engeza.

“Lolu cwaningo beluyi -‘screening test’ kuphela kuze kube manje kanti abacwaningi abakahloli ukuthi ukudla okunensangu kuyasebenza yini ukuvikela izinkukhu emkhuhlaneni wezinkukhu noma ezinye izifo ezinzima,” kusho uLumsangkul.

Izihloko zakamuva