Abezinhlangano zamatekisi bahlasele amaphoyisa

Kamogelo Olaitan

Amaphoyisa aseKapa aphenya izigameko ezimbili lapho amaphoyisa ahlaselwe khona ngabasolwa ababalekela ukuboshwa.

NgoLwesine, osomatekisi abangu-40 bezinhlangano ezahlukene bagasele esiteshini samaphoyisa i-Philippi East, bahlasela amaphoyisa bakhulula amalungu amabili enhlangano abeboshwe phambilini ngamaphoyisa omgwaqo.

La madoda, umshayeli we-Avanza kanye nomnikazi wayo baboshwe ngezinsolo zokusebenzisa amaphepha omgunyathi.

Okhulumela amaphoyisa uSayitsheni Wesley Twigg uthe amalungu enhlangano yamatekisi ahlule izikhulu zomgwaqo ebezilungisa udaba lokuboshwa kwalaba ababili.

Kubikwa ukuthi umshayeli uboshwe kuqala kanti umnikazi we-Avanza uye wamlandela waya esiteshini lapho afike wavuma khona ukuthi  inombolo nediski ngokwenye yezimoto zakhe. Naye waboshwa.

Ngesikhathi amaphoyisa ematasa elungisa ukuboshwa kwabo, iqulu labashayeli bamatekisi nabanikazi bamatekisi ababalelwa kwabangu-40 bagasele esiteshini befuna ukuthi laba ababili bakhululwe ngokushesha.

Ilungu leKomidi leMeya lezokuPhepha nokuVikela kaMasipala, uMnu JP Smith, uthe ngesikhathi ithimba libona ukuthi ngeke linikwe izimfuno zalo, lilande abasolwa esitokisini kwathi ngesikhathi kuhiliziswana laphushela iphoyisa lomgwaqo kwelinye lamatafula.

“Ngenhlanhla kungenelele abaseshi ababili abebesegumbini babavimbela ukuthi bashaye iphoyisa,” kusho uSmith.

Iqembu labantu likwazile ukukhulula la madoda.

Amaphoyisa ayaphenya ngalesi sigameko kanti abasolwa basazoboshwa.

Kwesinye isigameko esenzeke ngoLwesihlanu, abahlali base-Ottery, eKapa, bavimbele amaphoyisa ukuthi abophe owesilisa ngezinsolo zokutholakala nezidakamizwa.

Kuthiwa amalungu omphakathi ahlasele amaphoyisa kaMasipala asiza umsolwa ukuba agweme ukuboshwa.

USmith wengeze ngokuthi imiphakathi akufanele igqugquzele izephulamthetho ezihlasela abasebenzi bomthetho ngokuvumela    izigebengu ukuthi zicanase ezindaweni abahlala kuzo.

“Kuyashaqisa ukubona abantu abafika bezosiza abasolwa ngendlela esibone ngayo kulezi zigameko,” kusho uSmith.

Scrolla World Cup Quiz