Abezindaba bagxekwa ngokusebenzisa isithombe somunye umuntu kunokufaka esomdlwenguli ngqo!

Dylan Bettencourt

Unozinti we-Chelsea u-Edouard Mendy ugxeke abezindaba ngokusebenzisa isithombe sakhe esikhundleni sesithombe somsolwa osolwa ngokudlwengula uBenjamin Mendy, umdlali wasemuva we-Manchester City owabekwa amacala amane okudlwengula nelilodwa lokuhlukumeza ngokocansi ngoNcwaba.

Ngasekuqaleni kwaleli sonto uBenjamin ube namanye amacala amabili okudlwengula abekwe wona

.

Abezindaba sekukaningi besebenzisa isithombe okungesona esikaBenjamin Mendy we-City futhi bebesebenzisa izithombe zikanozinti wase-Senegal u-Edouard Mendy kanye nomdlali wasemuva wesokunxele we-Real Madrid uFerland Mendy kwisenzo somdlali webhola we-Chelsea asichaza “njengomfanekiso oseqopheleni eliphezulu”.

“Kuyadabukisa ukuthi ngonyaka wezi-2021, e-France nase-England, kwabanye abantu, abantu abamnyama abanamagama noma ubuso obuhlukile. Lawa maphutha akhombisa olukhulu,” kubhala u-Edouard ku-Instagram.

Lo nozinti othathwa njengohamba phambili emhlabeni njengamanje, wengeze ngokuthi akunzima kangako ukuhlukanisa abantu ababili ikakhulukazi uma amajezi ebhola ekhombisa umehluko we-Vast.

Umsolwa uBenjamin Mendy ugcinwe esitokisini samaphoyisa kusukela ngoNcwaba futhi usevele kabili enkantolo ngaphambi kokuba icala lakhe liqulwe ngokusemthethweni ngoMasingana ngonyaka wezi-2022.

La macala kubikwa ukuthi aqhubeka kusukela ngoNcwaba ngonyaka wezi-2020 kwaze kwaba nguNcwaba wonyaka wezi-2021 okubalwa abesifazane abane abahlukene, oyedwa kwizisulu zakhe uneminyaka engaphansi kweyi-18. Unqatshelwe ibheyili amahlandla amaningana kusukela eboshwe amaphoyisa.

Umthombo wesithombe: @CaughtOffisde

Izihloko zakamuva