Abezimo eziphuthumayo bahlaselwe ngesikhathi bezama ukusindisa impilo yomuntu

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Amadoda abehlomile ahlasele abezimo eziphuthumayo eKapa kanye nesiguli abebesilapha eMfuleni

Isakhamuzi sakule ndawo sithi abosizo lokuqala akumele bangene endaweni yabo mabebiziwe bengaphelezelwa amaphoyisa ukuze baphephe.

Abezimo eziphuthumayo eKapa bahlaselwe bagetshengwa bezama ukuhlenga impilo yesiguli.

Lesi sigameko senzeke e-Extension 4, eMfuleni, ngoLwesihlanu ngomhlaka-21 kuNdasa.

Ngokusho kokhulumela amaphoyisa e-Western Cape uWarrant Officer Joseph Swartbooi, abezimo eziphuthumayo baphendule ngokushesha beyosiza isiguli ngesikhathi kuqhamuka amadoda amane abehlomile.

“Amadoda amane angaziwa abehlomile aqhamuke kumshayeli wemoto, ayalele umshayeli ukuthi avule isicabha, omunye wabasolwa wadubula kanye,” kusho uSwartbooi.

Umshayeli ukhishwe kwi-ambulensi, washaywa wabanjwa inkunzi.

Abahlaseli babe sebeshaya umsizi womshayeli nesiguli ebesidinga usizo.

“Zontathu izisulu zishaywe kanzima,” kusho uSwartbooi.

Abahlaseli babalekile futhi abakaboshwa.

Isakhamuzi sakule ndawo u-Ayanda Zathu (40), uthe abezimo eziphuthumayo kumele bayeke ukungena endaweni ngaphandle kokuphelezelwa ngamaphoyisa.

“Abezimo eziphuthumayo kumele bayeke ukuvakashela endaweni yethu ngaphandle kokuphelezelwa, kumele babeke impilo yabo phambili ngaphambi kokucabanga ukusindisa abanye,” kusho uZathu.

Uthe akulungile ukulindela ukuthi babeke izimpilo zabo engozini uma behlaselwa kanje.

“Sizohlupheka, kodwa ngeke sibavumele beze lapha bengaphelezelwa imuntu. Uma amaveni amaphoyisa engekho, kumele balinde aze afike ukuze baphephe,” esho.

Esithombeni esingenhla: Isithombe se-stock se-ambulensi.

Umthombo wesithombe: Ifayela

Izihloko zakamuva