Abezikhukhula bakhala ngokuzitshwa idolobha 

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Izakhamizi zasemijondolo yaseSiqalo zithi iDolobha laseKapa lithi angeke likwazi ukuzisiza ngoba zihlala ezindaweni ezizimele.

Kodwa iDolobha lithi: “Usizo alunqatshwanga ngenxa yobunikazi bomhlaba kodwa ngenxa yemibandela ekhona, ngeshwa akukho lutho olungenzeka.”

Isakhamuzi esicele ukuthi igama laso ligodlwe, sitshele i-Scrolla.Africa ukuthi bathinte iDolobha laseKapa ukuze bathole usizo lokususa amanzi alethwe izikhukhula. 

“Imvula iqale ngoMgqibelo ebusuku, kodwa asikaze sibone muntu ovela kwabezinhlekelele edolobheni laseKapa. Sinqume ukuthintana nabo sibachazele ngesimo esibi esikusona,” kusho isakhamuzi.

Uthe kubikwa ukuthi iDolobha lithe ngeke likwazi ukubasiza ngoba bahlala ezindaweni ezizimele. 

“Manje sesitshelwa ukuthi sisemhlabeni onabanini abazimele ngoba sidinga usizo, kodwa ngesikhathi bedinga amavoti ethu abazange babe nankinga. Sisebenza kahle kosopolitiki kuphela uma befuna okuthile kithi,” kwengeza isakhamuzi.

ULunga Sityatha (40) oyisakhamuzi uthe alikho ihholo lomphakathi lapho izakhamuzi zingacasha khona. 

“Siphoqeleka ukuthi silale emijondolo egcwele amanzi. Lena akuyona indlela yokuphila, ikakhulukazi ngemuva kwenyanga yokuvota. 

“Ngibathukuthelele bonke osopolitiki abeza endaweni yethu, njengoba sesidinga usizo lwabo, abasatholakali ndawo,” kusho uSityatha.

Isithombe esingenhla: Izikhukhula eWestern Cape. 

Umthombo: X

Izihloko zakamuva