Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Abezicishamlilo eMfuleni babelethise ingane yesithathu ephile saka ezinyangeni ezimbili.
Omama bendawo babonge abezicishamlilo ngokusiza abesifazane abaswele.
Abezicishamlilo eMfuleni Fire Station eKapa basize ngokubelethisa ingane yesithathu ephile saka ezinyangeni ezimbili nje ngoLwesihlanu.
Umama obekhulelwe ufike esiteshini sezicishamlilo kwathi ngemuva kwemizuzu engu-20 wabeletha ingane yomfana ephile saka esizwa abezicishamlilo abebesemsebenzini.
Lokhu kulandela ukubelethiswa kwezingane ezimbili kulesi siteshi ngoZibandlela, kwaba ingane yomfana ngomhlaka-1 kanye nengane yentombazane ngomhlaka-12.
UJP Smith, oyi-MCM yeDolobha kwezokuphepha nokuvikela, uncome abezicishamlilo.
“Isiteshi sezicishamlilo saseMfuleni siyindawo lapho izakhamizi eziya khona mezidinga usizo, ngakho kuyajabulisa ukubona ukuthi abasebenzi benza kahle kangakanani ukuze basindise izimpilo zabo, baphinde basize ekuletheni impilo entsha emhlabeni,” kusho uSmith.
“Lesi isikhathi esiziqhenyayo ngaso sifisela umama nosana lwakhe olusanda kuzalwa impilo enhle enezibusiso. Siyabonga ukuthi akubanga khona izinkinga nokuthi konke kuhambe kahle.”
Umama nosana baphuthunyiswe eKhayelitsha Day Hospital nge-ambulensi.
Isakhamizi uNksz Nolizwe Ngwane (45), sithe besingakholwa ukuthi abezicishamlilo basiza abakhulelwe waze wafunda ngakho.
“NgoZibandlela ngezwa kuthiwa basiza abesifazane ababili, ngacabanga ukuthi amahlebezi nje aselokishini ngaze ngafunda udaba olusematheni,” kusho uNgwane.
“Bengizitshela ukuthi singababiza uma kusha emiphakathini yethu kuphela, kodwa manje sengiyazi ukuthi uma ngikhulelwa ngizovakashela uMnyango wezicishamlilo ngoba useduze futhi mkhulu umsebenzi abawenzayo.
Esithombeni esingenhla: Abezicishamlilo eMfuleni basize ukubelethisa ingane yomfana ephile saka yesithathu kusukela ngoZibandlela ka-2024.
Umthombo: Sithunyelwe