Abezicishamlilo eKapa baphenduke ababelethisi bezingane ezintathu

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Abezicishamlilo eKapa basize ukubelethisa izingane ezintathu eziphile saka kulenyanga kaZibandlela ezikhungweni zabo zezishamlilo.

Izakhamizi zincome abezicishamlilo ngamakhono abo okusindisa impilo ngaphandle nje kokucisha umlilo.

Inyanga kaZibandlela ibe yisibusiso kwabezicishamlilo eKapa.

Uma bengabhulu amalangabi omlilo ayingozi emijondolo evuthayo noma imililo yasendle yase-Cape enedumela elibi, bamatasa basiza ngokubelethisa.

Kule nyanga iyodwa, basize ukubelethisa izingane ezintathu kanti eyokugcina ingane ibelethiswe esiteshini sezicishamlilo saseMfuleni.

Isikhulu sezokuPhepha nokuVikela uJP Smith sithe umama okhulelwe ufike esiteshini ngo-10 ekuseni ngoLwesine.

“Abezicishamlilo bavele bangenela, kwathi kungakapheli nemizuzu engu-45 base bemsizile ukuthi abelethe ingane yentombazane ephile saka base besika inkaba. Umama kanye nosana lwakhe baphuthunyiswe nge-ambulensi esibhedlela saseKhayelitsha,” kusho uSmith.

Ezinsukwini ezimbalwa ngaphambili kukamhlaka-4 kuZibandlela, izicishamlilo zaseGugulethu zasiza ukuletha elinye lamawele ngo-5 ekuseni.

“Ingane yesibili yabelethwa esibhedlela ngemuva kwesikhashana, umama kanye nezingane zakhe ezisanda kuzalwa bonke baphile saka. Ngokwezinga abasebenzi bethu abahamba ngalo, singaba nabo abezicishamlilo abancane ekupheleni kwenyanga,” kusho. Smith.

Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi abezicishamlilo baseMfuleni basize ngokubelethisa ingane yomfana mhla lulunye kuZibandlela .

USmith uthe kuyamjabulisa ukuthi konke ukubelethisa kuhambe kahle futhi omama nezingane baphile saka.

“Imililo ijwayele ukuthatha sonke isikhathi sethu, kodwa sibizwa ngeFire and Rescue Service, kanti lezi zigameko ziyisikhumbuzo salokho. Ngithanda ukuncoma abasebenzi abathintekayo ngokuba ngamanxusa eqiniso kulo msebenzi,” kusho. Smith.

UNwabisa Vendle (39) uthe umangele ngesikhathi ezwa ngezicishamlilo ezisiza ukubelethisa abesifazane.

“Impela sizofunda size sife bengingakaze ngicabange ukuthi abezicishamlilo bangasiza abesifazane ukuthi babelethe izingane. Bengicabanga ukuthi bagxile emlilweni,” kusho uVendle.

UNozuko Goyi (45) uncome umsebenzi owenziwa abezicishamlilo.

“Benza umsebenzi omuhle ngoba asikaze sizwe kuthiwa kukhona oshonelwe izingane ngesikhathi besizwa yibona. Bayisibusiso kulaba besifazane, futhi kumele baqhubeke nokwenza umsebenzi omuhle ukucisha umlilo nokubelethisa izingane.”

Esithombeni esingenhla: Abacimi bomlilo baseGugulethu naseMfuleni Fire basize ukuletha izingane ezintathu emhlabeni.

Umthombo: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva