Dylan Bettencourt
Iqembu elidumile eliphuzi neliluhlaza lebhola lezinyawo lase-Brazil lidumile emhlabeni jikelele futhi manje selingene emzabalazweni omubi wezepolitiki.
Njengoba ukhetho lukaMengameli wase-Brazil selufinyelele esiphethweni, umfundi osemncane uye ezitolo eyothenga ijezi le sizwe leNdebe Yomhlaba yase-Qatar ezoqala ngenyanga ezayo.
“Umnikazi wesitolo ucabange ukuthi ngeseka uhulumeni wamanje ngoba ngithenga leli jezi ube eseqala ukuthukuthelela obezongenela ukhetho uLuiz Inacio Lula,” kusho uJoão Vitor Gonçalves de Oliveira etshela i-BBC News.
UJoão uthe ngeke avotele uJair Bolsonaro ozongenela ukhetho, kodwa ubona sengathi ijezi le sizwe lisetshenziswa njengophawu lokweseka ubuzwe.
Ngakho-ke, ukugwema noma ukuphi ukungqubuzana uJoão wenza sengathi weseka i-Bolsonaro njengophawu lokuthi ijezi eligqokwa isizwe izindebe zomhlaba ezinhlanu lingahlukanisa isizwe sonke.
“Ijezi selingcoliswe umqondo wezepolitiki kusukela ngo-2014,” kusho uMateus Gamba Torres onguprofesa womlando eNyuvesi yase-Brasília.
“Lokhu kungenxa yokuthi ngezikhathi zemibhikisho abantu bayabuthana ngemibala yezwe ukuze kucace izimfuno zabo.”
Uthe eminyakeni eyisishiyagalombili eyedlule izigidi zabantu zangena emigwaqeni yezimpahla zasekhaya zase-Brazil zifuna ukuthi uMengameli wangaleso sikhathi uDilma Rousseff abekwe icala.
Eminyakeni emine kamuva amaqhinga nemibala efanayo yasetshenziswa nguMengameli wamanje uBolsonaro.
“Ijezi eliluhlaza neliphuzi seliwuphawu lwalabo abaseka uhulumeni wase-Bolsonaro,” kusho uGamba Torres.
Ijezi seliphenduke isici nophawu lomkhankaso wokuqokwa kabusha kukaBolsonaro nezakhamizi ezimbalwa okuhlanganisa noRuy Araujo Souza Junior othe uzogqoka ijezi kuphela ekhaya ukuze agweme iphutha njengomlandeli we-Bolsonaro.
ULula okhokhela ukhetho ugxile ekukhankaseleni ukubuyisela ifulegi njengoba umrepha uDjonga eveze iphuzu lokugqoka leli jezi ngesikhathi ecula.
“Abalandeli be-Bolsonaro bacabanga ukuthi yonke into ingeyabo. Bafuna konke ngisho iculo le siwe imbala.”
Njengoba kungekho noyedwa kwabangenele ukhetho lobuMenganeli abathole amavoti angaphezu kuka-50%, ukhetho manje seluzobhekisa amabombo kwi-Lula ne-Bolsonaro.
Umthombo wesithombe: @ForeignPolicy