Abezempilo baseZim abasavumelekile ukusebenza kwamanye amazwe 

Lubhalwe nguDalphine Tagwireyi

I-Zimbabwe isibekwe ohlwini olubomvu inhlangano ye-World Health Organisation (WHO) ukwenzela ukuvimba  abasebenzi bezempilo kuleliyazwe ukuthi bahambe bayosebenza kwamanye amazwe.

Le nhlangano isifake ohlwini olubomvu amanye amazwe angu-53 nawo abhekene nokushoda kwabasebenzi bezempilo.

Sekuphele iminyaka eminingi odokotela bekhetha ukuphuma e-Zimbabwe beyofuna amadlelo aluhlaza kwamanye amazwe.

Lokhu kuholele ekutheni i-United Kingdom ikumise ngokushesha ukuqashwa kwabahlengikazi abavela e-Zimbabwe kanye nabamazwe amaningi aseningizimu ye-Afrika.

Eminyakeni emibili edlule i-Zimbabwe ibike ukufuduka kwabasebenzi bezempilo ababalelwa ku-3,000 besuka kuleliyazwe.

Unobhala jikelele we-Zimbabwe Professional Nurses Union uDouglas Chikobvu utshele i-Scrolla.Africa ukuthi lokhu kuvinjelwa kukhinyabeza kakhulu abezempilo abalangazelela ukuphuma kuleliyazwe.

“Lesi simo sikhombisa indlela uhulumeni ahluleke ngayo ukubhekana nosizi lwabasebenzi bezempilo. Uhlelo lwethu lwezempilo ezweni luyafana futhi nezimo zokusebenza kochwepheshe bethu bezempilo zimbi kakhulu,” esho.

“Kubafanele ukukhokhelwa kangcono. Lesi yisona sizathu esenza sibone ukuchitheka okukhulu kwengqondo eminyakeni embalwa edlule futhi manje sekuthinta lonke uhlelo lwezempilo.”

UNkk Emilia Kazangura (27) ongumbelethisi esibhedlela i-Kadoma General uthe udangele ngokuzwa ukuthi uHulumeni wase-United Kingdom uvimbele ukuqashwa kwabahlengikazi base-Zimbabwe njengoba ematasa nokulungisa amaphepha akhe.

“Indlela esiphathwa ngayo e-Zimbabwe iyasiphoqa ukuthi sicabange ukushiya siye lapho umsebenzi wethu ohlonishwa khona. Sesineminyaka sisebenza, siholelwa amakinati, futhi izikhalo zethu ziwela ezindlebeni ezingezwa,” esho.

“Izimo zethu zokusebenza zimbi. Akumnandi ukubona umuntu eshona ngoba uhulumeni ehluleka ukuhlinzeka ngemithi nezingubo zokuzivikela.”

Umhlengikazi esibhedlela sase-Harare uNyasha Mukwenha (28) uthe basebenza ngaphandle kwemishini edingekayo wathi imithi ayanele ukwelapha iziguli. Umphumela ukuthi balahlekelwa izimpilo zabantu nsuku zonke.

“Imali entshontshwa izikhulu zikahulumeni ezikhohlakele kufanele iqondiswe ekuthuthukiseni ukunakekelwa kwezempilo futhi ingaxazulula zonke izinkinga esibhekene nazo ohlelweni lwethu lwezempilo kodwa abanandaba nathi,” esho.

UMukwenha wengeze ngokuthi uhulumeni ujahe ukuvala amathoyizi ocansi kodwa wehlulekile ukulungisisa udaba lokushushumbiswa kwabantu nokuyinto ekhombisa ngokusobala ukuthi yini esemqoka kubo.

Esithombeni esingenhla: Uphawu lwesibhedlela i-Kadoma General

Umthombo wesithombe: Dalphine Tagwireyi

Izihloko zakamuva