
Buziwe Nocuze
Ngonyaka ka-2019 uSiyabonga Khusela noLuyolo Lengisi abaneminyaka engu-23 ubudala baselokishini lakwaLanga eKapa basungula inhlangano ebizwa ngokuthi #LangaForMen yokulwa nodlame lokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane (i-GBV).
UKhusela utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ngemuva kokubona abesifazane behlukunyezwa bathathe isinqumo sokuthi bangene kule mpi njengoba lolu daba luthinta abesilisa abesifazane kanye nezingane. Ukuze bavumelane kwadingeka balethe wonke umuntu emzabalazweni wokulwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane.
“Izibalo zodlame olubhekiswe kwabesifazane zanda kakhulu ngo-2020 ngenxa yokuthi abantu babekhungathekile ngemuva kokuphelelwa umsebenzi.
UKhusela nethimba lakhe banohlelo lwansuku zonke lwe-sanitary pad drive bafundisa abesilisa ngokuya esikhathini futhi bahambisa ama-pads mahhala kwabesifazane abawadingayo. Abantu bayabathinta ezinkundleni zokuxhumana uma bedinga ama-pads bese bethumela ivolontiya liwahambise.
Baphinde basebenzisane nazo zonke izikole eziyishumi zaselokishini lakwaLanga lapho nyanga zonke benza uhlelo lama-pad drive bahambele izikole bazibheke ukuthi zisenawo yini ama-pads baphinde bewafake uma izikole sezingenawo.
“Asihlale sinawo ama-pads, ngakho besicela abantu bakhombise ubuntu ngokuthengela abaswele sigqugquzela abantu ukuthi basizane lapho bengakwazi khona,” kusho uKhusela.
Siyazi ukuthi amantombazane abhekene nobunzima obukhulu amanye alova esikoleni ngenxa yokungakwazi ukuthenga ama-pads. Ngakho-ke siyazama ukuthi bathole ama-sanitary pads ukuthi bakhululeke. Uhulumeni uhlinzeka ngamajazi okuzivikela mahhala kuphela. “Singenelela ukusiza lapho singakwazi khona.”
Sebesungule iqembu lebhola lezinyawo i-LangaForMen lapho bemema khona bonke abafana abancane ukuthi babe sendaweni eyodwa futhi babafundise ngamagugu empilo nendlela yokuphatha abanye abantu.
Ngaphandle kwebhola abafana abancane bafundiswa kabili ngesonto mayelana nokubekezela, ukuphuma ngaphansi kobudlelwane ongeneme kubo (i-GBV) kanye ne-patriarchy futhi bawubonile umehluko selokhu saqala ukubafundisa.
ULengisi uthe selokhu kwaqala le nhlangano bekungelona uhambo olulula kumalungu emindeni yabo, kontanga babo nomakhelwane, okuhlanganisa nendawo yangakubo.
“Abantu abazwani noshintsho,” kusho uLengisa. Kuba inkinga uma befundiswa indlela yokuphatha abanye abantu. Abesilisa bazizwa bekhishwa inyumbazane nakuba inhloso yethu ukusiza wonke umuntu alwe nodlame lokuhlukumeza abesifazane.
“Uma sikhuluma iqiniso abantu esibathembayo bayasijikela kodwa siyaqhubeka silwe.”
Isakhamuzi sakwaLanga sishayele ihlombe umsebenzi omuhle owenziwa ilaba besilisa. Uthe ukuba nenhlangano eholwa intsha kuyabakhuthaza ngoba kukhombisa ukuthi babone izinto ezimbi ezenzeka kwabesifazane nezingane bazisukumele futhi lokho kukhombisa isibindi abanaso.
Izingane zabo nazo zifunda lukhulu kubasunguli balokhu, futhi maningi amathuba okuthi umphakathi ubone ushintsho kubafana abancane selokhu bajoyina #LangaForMen.