Abesilisa bakhala ngokuqolwa ngabesifazane

Kamogelo Olaitan

Eminyakeni edlule abesilisa abaningi baseMzansi bebekhala ngabesifazane abathatha kubo izimali zokugibela baqede babathembise ukuthi bazofika kodwa bangalubhadi nhlobo.

Akukho ukuvikelwa ngokomthetho ngoba usuke uyikhiphe le mali ngokuzithandela, kanti abesilisa bajwayele ukutshengisa ukucasuka kwabo ezinkundleni zokuxhumana.

Kodwa e-Nigeria, ungabhadla ejele iminyaka engu-20 ngenxa yalokho.

Owayengunobhala wokukhangisa we-Nigerian Bar Association uDouglas Ogbankwa usexwayise abesifazane ukuthi bangakwenzi lokhu ngosuku lwezithandani olubizwa nge-Valentine.

Samsung Galaxy 14G

“Eminyakeni edlule, abesilisa bathi kukhona abesifazane  osekubangenile ukuqola ngesizini ye-Valentine, konke lokhu bakwenza egameni lothando,” kusho u-Ogbankwa engxoxweni.

“Noma ngubani owenza lokhu angabekwa icala lokukhwabanisa futhi ashushiswe ngaphansi kwesigaba sa-419 se-Criminal Code of Nigeria.”

Ngokusho kwakhe, abantu besifazane abenza izenzo zokukhohlisa, noma ukuqola noma ukwephula izithembiso bangathweswa icala ngaphansi  komthetho we-provisions of the Advanced Fee Fraud Act (419).

“Futhi, uma umuntu ethole imali aphinde ahlose ukuthola enye eyengeziwe uma esefikile, lobu bugebengu bubizwa nge-Advance Fee Fraud futhi uyashushiswa ngaphansi komthetho i-Advance Fee Fraud Prohibition Act ,” kuchaza u-Ogbankwa

Scrolla World Cup Quiz