Abesilisa ababili basindile ngemuva kwezinsuku ezingama-29 belahlekile olwandle

Arthur Greene

Ngemuva kokulahleka izinsuku ezingama-29 olwandle, abesilisa ababili batholakale bephila begudla ulwandle e-Papua New Guinea – beqhele ngo-400m lapho abasuka khona. 

ULivae Njikana kanye noJuniour Qoloni baqale uhambo lwabo besuka e-Mono Island ngesikebhe esinamandla esisebenza ngophethiloli bephethe izikhwama ezigcwele ama-Orintshi. 

Lokhu bekwanele uhambo lwamakhilomitha angama-200 eNingizimu ne-Noro e-New Georgia Island. 

“Sake saluthatha uhambo ngaphambilini ngakho-ke bekufanele ngabe kuhambe kahle,”  kusho uNanjikana etshela i-Guardian. 

Noma kunjalo, kulokhu, amanzi olwandle olubizwa nge-Solomon abenamandla kakhulu kwaba nzima ukuthi sibone indlela njengoba amagagasi abeya ngokukhula ngokuqhubeka kwethu. 

“Ngesikhathi kushintsha isimo sezulu, kuqale kwashuba, kodwa kushube kakhulu ngesikhathi sekufa ne-GPS,” kusho uNanjikana. 

Ngesikhathi kufika ubusuku, umsebe welanga ogudla ulwandle lwasuka. Sivele saduka, sathatha isinqumo sokuthi sicime injini ukuze songe uphethiloli. 

Lesi sinqumo bekuyiso ebesizosindisa impilo yabo. Ngesikhathi bephelelwa ama-orintshi esikhwameni, baqale baqoqa okhukhunathi abakade bentanta olwandle. 

Bakwazile ukusinda besebenzisa amanzi emvula, ukhukhunathi kanye nemithandazo ngoba sithandaze ubusuku nemini,” kusho uNanjikana etshela i-SIBC yasendaweni. 

Ngosuku lwama-27, yilapho abaqale khona ukubona umhlaba okokuqala ngemuva kwamasonto. Bekuyisiqhingi esisogwini lase-Papua New Guines. 

Ngemuva kwezinsuku ezimbili, babona umuntu ophilayo cishe kwase kuzophela inyanga behamba olwandle. 

Laba abesilisa base bephelelwe amandla okungangokubo ngesikhathi sebebonakele eduze nedolobha lase-Pomio mhla zi-2 kuMfumfu, bekumele baqukuulwe ngesikhathi bephuma emkhunjini. 

Kodwa lokho akuzange kuphazamise imimoya yabo. 

Ngesikhathi ekhumbula okwenzekile, uNanjikana uthe: “angazi ukuthi bekwenzekani ngesikhathi ngilapha. Angizange ngizwe nge-Covid noma ngokunye nje. Sengijahe ukubuyela ekhaya, kodwa ngicabanga ukuthi bekuwuhambo oluhle olupholile.”

Umthombo wesithombe: @HuffPostWomen

Izihloko zakamuva