Abesilisa ababili baseNingizimu Afrika bawine izindondo emcimbini omkhulu ohlonishwayo

Menzi Magubane

Umqeqeshi we-Al Ahly uPitso Mosimane kanye nonompempe uVictor Gomes bavotelwe ohlwini lwabahamba phambili e-Afrika emikhakheni yabo.

Laba bobabili baphakamisele ifulegi laseNingizimu Afrika phezulu ngoMsombuluko ngesikhathi bewina izindondo emcimbini  wangowezi-2021 we-International Federation of Football History and Statistics (i-IFFHS) CAF.

UMosimane uwine indondo ye-Best Club e-Afrika kwathi uGomes wawina indondo kanompempe ohamba phambili kuzwekazi lonke.

Njengamanje leli qembu lase-Egypt alikahlulwa ku-Egypt Premier League ngemuva kwemidlalo eyisithupha. Bayiqale kahle isizini yabo ngokunqoba imidlalo eyisithupha.

Ngomsebenzi wakhe omuhle ku-Ahly, uMosimane ubhekene nenhlanhla yokunyuselwa umholo kuma-Red Devils.

UGomes ube yisibonelo esihle mayelana emkhakheni nokuba wonompempe ezwenikazi. Usephathe imidlalo eminingi ku-PSL nasemiqhudelwaneni yezwekazi ngendlela enhle nangeso elibukhali.

Lo nompempe waziwa ngokuqinisa umthetho futhi akasabi ukukhipha amakhadi nokukhipha abadlali nabaqeqeshi ngokufanayo. Okuxakayo ukuthi ngesikhathi esaku-Sundowns, uMosimane ubenokungaboni ngaso linye noGomes.

UGomes uzoba yisikhulu esihola phambili emqhudelwaneni we-CAF African Cup of Nations ezoba e-Cameroon ekuqaleni kwangonyaka ozayo.

Izwe liyaziqhenya ngalamadoda amabili ngokumela iNingizimu Afrika ngamalengiso unyaka wonke futhi impumelelo yawo ibafanele ngokugcwele.

Abanye abahamba phambili abathole izindondo ngalolu suku kube ngumdlali waphambili we-Liverpool ne-Egypt uMohamed Salah othole indondo ye-Men’s Best Player.

U-Edouard Mendy odlalela i-Senegal ne-Chelsea FC uwine indondo ye-Best Goalkeeper.

UDjamel Belmadi wase-Algeria uwine indondo ye-Best National Coach.

URiyad Mahrez odlalela i-Algeria neManchester City uwine indondo ye-Best Playmaker.

ULassina Traore odlalela i-Burkina Faso ne-Shakhar Donetsk uwine indondo ye-Best Young Player (U20)

Umthombo wesithombe: @AfricaTopSports

Izihloko zakamuva