Abesifazane nesinqumo sokubeka izimpilo zezingane zabo phambili 

Lubhalwe nguDalphine Tagwireyi

Sebekhethe ukuzithathela umthetho bawubeke ezandleni zabo abesifazane abangaphansi kwebandla lamaPhostoli e-Zimbabwe ngemuva kokulahlekelwa ngabantwana abangu-600 ngenxa yotwayi nyakenye.

Babeke eceleni imfundiso yabo yezenkolo, baba nesibindi basungula iqembu lezempilo eliyimfihlo elibizwa ngokuthi i-Apostolic Women Empowerment Trust (AWET) ukuze babhekane nesimo esibi sezempilo esikhungethe umphakathi wabo.

Le nhlangano ibhekelela impilo yabesifazane nezingane. Njengoba ukuzalwa okuningi kwamantombazane asemancane sekuphele kabuhlungu babona kunesidingo sokuthi basukume bazilawule.

Njengoba imfundiso yenkolo yabo ivimbela ukugoma izingane nokuvakashela ezibhedlela uma amalungu egula, abesifazane  sebenqume ukuphambuka emithethweni yesonto.

Ekhuluma ne-Scrolla.Africa ilungu lebandla lase-Johane Marange, u-Alice Mhendambuya (29) uthe kudingeke ukuthi abe nesibindi ukuze ahlenge impilo yengane yakhe. Ngakho-ke, uqhubekile wagoma ngasese umfana wakhe onovendle kanye nesimungumungwane ukuze agweme ukungqubuzana nomyeni wakhe.

“Engikwenzile kuphambene nemfundiso yebandla, kodwa ukudelela imfundiso ukuze nginakekele ingane yami angizisoli ngakho,” kusho uMendambuya.

“Leli bandla lisebenza ngemithetho eqinile kangangoba akumele kuzwakale izwi lowesifazane eqophisana nowesilisa, ikakhulukazi umyeni wakho onesithembu. Siphucwa amalungelo ethu futhi ukwephula izimfundiso zabo kuwukuphela kwendlela yokuthola inkululeko.” 

Uthe izingane eziningi zibulawa uvendle.

“Kuyadabukisa ukuthi abaholi bamabandla bahlezi beshaya phansi ngonyawo mayelana nezindlela zabo zokubhekana nezifo, kodwa azisebenzi njalo ngoba izingane ziyaqhubeka nokushona.”

Elinye ilungu lebandla lase-Johane Masowe, u-Euritha Mazano (39) uthe kubalulekile ukuthi bafune usizo lwezempilo kodwa sekuyisikhathi eside bevinjelwa yimithetho yebandla.

“Sikubheke ngabomvu ukubumbana singabesifazane nokuqinisekisa ukuthi usizo lwezempilo luyafinyeleleka njengoba ukuya esibhedlela kube isona sizathu sokuhlukanisa kweminye imindeni.”

UMnu Tendayi Gudo ongumqondisi kuzwelonke we-AWET uthe inhlangano ilwela amalungelo ezempilo kanye nokuqedwa kwemishado yabantwana emabandleni e-Apostolic Faith Churches.

“Iphinde igqugquzele ukuthi kuthuthukiswe abesifazane abasebasha ukuze bakwazi ukubamba iqhaza ezinhlelweni zokuthuthukiswa kwenhlalo nomnotho ezweni nokuqinisekisa ukuthi amalungelo abo athuthukile.”

UGudo wengeze ngokuthi kwi-AWET abesifazane abaningi nezingane bayandisa izinga lokugoma futhi bathole ukugqugquzeleka emfundweni yokugomela izifo.

Esithombeni esingenhla: Amalungu abesifazane ebandla i-Johane Masowe ethempelini ngesikhathi kunenkonzo

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva